Ezekiel 27
1 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
2 “Wena ndodana yomuntu, dinda isililo ngeThire,
3 uthi kulo iThire elingasekungeneni kolwandle, elihwebelana nezizwe eziqhingini eziningi, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Thire, wena uthi: “ ‘Ngimuhle ngiphelele.’
4 “ ‘Imingcele yakho isenhliziyweni yolwandle; abakhi bakho babuphelelisile ubuhle bakho.
5 Bakwenzele amapulangwe akho ngemisayiphuresi yaseSeniri; balanda umsedari eLebhanoni ukuba benze insika yakho.
6 Ngemi-okhi yaseBhashani benzile izigwedlo zakho; indawo yakho okuhanjwa kuyo bayenze ngomsayiphuresi ovela eziqhingini eKhithimi, bayihlobisa ngophondo lwendlovu.
7 Ilineni elicolekileyo nelifekethisiweyo elivela eGibhithe, lalinguseyili wakho nebhanela lakho; umpheme wakho wenziwe ngokuluhlaza nokubukhwebezane, uvela eziqhingini e-Elisha.
8 Abakhileyo eSidoni nase-Arivadi babe ngabagwedli bakho; izingcweti zakho, Thire, zazikuwe, zingabagwedli bakho.
9 Amalunga aseGebhali nezihlakaniphi zakhona babekuvala izimfa. Yonke imikhumbi yasolwandle namatilosi ayo babe kuwe ukuba bahwebe ngempahla yakho.
10 “ ‘AbasePheresiya abaseLude nabasePhuthi babesempini yakho, bengamabutho empi yakho. Baphanyeka kuwe izihlangu nezigqoko zempi; bakuhlobisa waba muhle.
11 Abantu base-Arivadi namabutho akho babesezingangeni zakho nxazonke, abaseGamadi besemibhoshongweni yakho; nabo baphanyeka izihlangu zabo ezingangeni zakho nxazonke; babuphelelisa ubuhle bakho.
12 “ ‘ITharishishi lalihwebelana nawe ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; behwebelana nawe ngesiliva, ngensimbi, ngethini nangomthofu.
13 “ ‘AbaseJavani, abaseThubhali nabaseMeshekhe babengabahwebi bakho, behwebelana nawe ngabantu nezitsha zethusi ukuba bathole impahla yakho.
14 “ ‘Abendlu yaseThogarma bahweba ngamahhashi, nangamahhashi empi, nangeminyuzi ngenxa yempahla yakho.
15 “ ‘Abantu baseDedani bahwebelana nawe; iziqhingi eziningi kwakuyizindawo zakho zokuhweba; baletha kuwe uphondo lwendlovu nezingodo ezimnyama zomthombothi, kwaba yisipho sakho.
16 “ ‘Abase-Aramu babengabahwebi bakho ngenxa yobuningi bomkhiqizo wakho. Bahweba ngempahla yakho ngama-emeralidu, ngokubukhwebezane, ngokufekethisiweyo, ngelineni elicolekileyo, ngekhorali nangamarubhi.
17 “ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babehweba kuwe; bahweba impahla yakho ngokolo waseMinithi, ngojeqe, ngoju, ngamafutha nangebhalisamu.
18 “ ‘AbaseDamaseku babengabathengi bakho, ngenxa yobuningi bomkhiqizo wakho, nangawo wonke umcebo wakho, bona babekuhwebela ngewayini laseHelibhoni noboya obumhlophe.
19 “ ‘AbaseVedani nabaseJavani bahwebelana nawe; ngensimbi ecangcathiweyo, ikhasiya nekhalamusi, kwaba ngokwakho.
20 “ ‘AbaseDedani babehwebelana nawe ngezindwangu zezihlalo zamahhashi ezinhle.
21 “ ‘Abase-Arabhiya nazo zonke izikhulu zaseKedari babethenga kuwe; babehwebelana nawe ngamawundlu, ngezinqama nangezimbuzi.
22 “ ‘Abahwebi baseShebha nabaseRama babethenga kuwe, behwebelana nawe ngazo zonke izinongo zekhethelo, ngawo wonke amatshe ayigugu, nangegolide.
23 “ ‘AbaseHarana, abaseKhane abase-Edene, abaseShebha, abase-Asiriya nabaseKilimadi babehwebelana nawe.
24 Babehwebelana nawe ngezingubo ezinhle, eziluhlaza nezifekethisiweyo, ngezindwangu ezimibalabala, nangemijiva eyelukwe ngezintambo eziqinileyo, ezindaweni zakho zokuhwebelana.
25 “ ‘Imikhumbi yaseTharishishi yayikuthwalela impahla yakho. Wathwaliswa imithwalo, wanyinyitheka kakhulu ekujuleni kolwandle.
26 Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi; umoya wasempumalanga wakuphahlaza phakathi kolwandle.
27 Ingcebo yakho, impahla yakho, abagwedli bakho, abakuvala izimfa, abahwebelana nawe; wonke amabutho, wonke akuwe, nesixuku sonke esikuwe bayakuphonseka phakathi olwandle ngosuku oyakuwa ngalo.
28 Amaza ayakuzamazama ngenxa yomsindo wokukhala kwabagwedli bakho.
29 Bonke abagwedla izigwedlo, amatilosi nabo bonke abashayeli basolwandle, bayokuma emhlabathini,
30 bezwakalise izwi labo kuwe, bakhale ngomunyu, bathele uthuli emakhanda abo, bahuquzele emlotheni,
31 baphuce amakhanda abo ngenxa yakho, babhince indwangu eyisaka, bakulilele kalusizi.
32 Bayakudinda isililo ngenxa yakho, bakulilele, bathi: “ ‘ “Ngubani onjengeThire, onjengothulisiweyo phakathi kolwandle na?”
33 “ ‘Wasuthisa abantu abaningi ngesikhathi kuphuma impahla yakho; ngobuningi bomcebo wakho nempahla yakho, wacebisa amakhosi omhlaba.
34 Kwathi lapho usufahlazwe ngamanzi ekujuleni kolwandle, impahla yakho naso sonke isixuku sakho kwawela kuwe.
35 Bonke abakhileyo eziqhingini, bamangala ngawe; amakhosi azo athuthumela, kwashwaqa izinwele ngenxa yovalo.
36 Abahwebi ezizweni bayakukunximfela; usuyincithakalo; awusayukuba bikho kuze kube phakade.’ ”