Bible

Elevate

Your Sunday Morning Worship Service

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Ezekiel 21

:
Zulu - 2020
1 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho lizwakale ezindaweni ezingcwele, uphrofethe ngezwe lakwa-Israyeli,
3 uthi kulo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngimelene nawe. Ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, ngibulale abalungileyo nezikhohlakali.
4 Ngakho-ke inkemba yami iyakuphuma emgodleni wayo, iphumele abantu bonke kusukela eningizimu kuya enyakatho.
5 Bonke abantu bayokwazi ukuthi Mina Simakade, ngiyihoshile inkemba emgodleni wayo, ayisayukubuyela emuva.”
6 “Kepha wena ndodana yomuntu, bubula, ububule ngomunyu bekubuka, ngenxa yokhalo lwakho olwaphukileyo.
7 Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Ububulelani na?’ uthi kubo: ‘Kungenxa yombiko, ngokuba ngesikhathi oyakufika ngaso, zonke izinhliziyo ziyakudikibala, izandla zidangale, yonke imiphefumulo ibe buthakathaka, kugcwale amanzi emadolweni.’ Lokhu kuyeza, futhi kuyakwenzeka,” kusho iNkosi uSimakade.
8 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
9 “Ndodana yomuntu, phrofetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi, ithi: “Inkemba, inkemba iloliwe, yamenyezeliswa.
10 Ilolelwe ukuba ibulale ngempela, imenyezeliselwe ukuba ibe njengonyazi. “Pho besiyakujabulelani na? Le ntonga, ndodana yami, idelela konke okomuthi.
11 “Inkemba inikelwe ukuba imenyezeliswe, ukuze ibanjwe ngesandla. Yebo, inkemba isiloliwe, isimenyezelisiwe ukuba inikelwe esandleni sombulali.
12 Khala, udinde isililo, ndodana yomuntu, ngokuba iyakwehlela kubantu bami, yehlele kuzo zonke izikhulu zakwa-Israyeli, zinikelwe enkembeni nabantu bami, ngakho-ke thwala imikhono ekhanda.
13 “Bekuyisivivinyo nje; kunganjani uma intonga edelelayo manje ingayukuba bikho na?” kusho iNkosi uSimakade.
14 “Wena-ke, ndodana yomuntu, phrofetha, ushaye izandla. Inkemba mayigadle kabili, kathathu, iyinkemba yokubulala, inkemba yokubulala okukhulu, isibazungeze nxazonke.
15 Ukuze izinhliziyo zabo ziphele amandla, kwande nezikhubekiso kubo, ngiyokwenza babeke inkemba ekhazimulayo kuwo wonke amasango abo. Yebo, yenziwe yanjengonyazi, ihoshelwe ukubulala.
16 Bulala ngakwesokunene, udlulele ngakwesokhohlo, lapho ubuso bakho bubheke ngakhona.
17 Nami luqobo ngiyakushaya izandla, nganelise intukuthelo yami; Mina Simakade ngikhulumile.”
18 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
19 “Wena ndodana yomuntu, zenzele izindlela ezimbili okuzofika ngazo inkemba yenkosi yaseBhabhele, zombili zisuke ezweni elilodwa, wenze inkombandlela, uyibeke engosini yezindlela zomuzi.
20 Enye indlela okuzofika ngayo inkemba, uyenze eRabha labakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.
21 Ngokuba inkosi yaseBhabhele isimi egumbini lezindlela, engosini yezindlela zombili, ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi, ihlola esibindini.
22 Ngakwesokunene kwenziwe unkatho ngeJerusalema, ukuba kubekwe imigoqo yokubhodloza, kumenyezelwe ukubulala, ngokuthi kukhuzwe iziqubulo zempi, kubekwe imigoqo yokubhodloza emasangweni, kwenziwe izindunduma, kwakhiwe nodonga lokuvimbezela.
23 Kubo kuyobonakala sengathi ubhula amanga; kukhona abasenza isifungo kubo, kodwa iyakubakhumbuza ngokona kwabo, ukuze babanjwe.
24 “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba nizikhumbuzile ngobubi benu, zembulwa iziphambeko zenu ukuze izono zenu zibonakale kukho konke enikwenzayo, yebo, ngenxa yokuba nikhunjuliwe, niyakubanjwa ngesandla.
25 ‘Wena-ke sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elikhohlakeleyo, usuku lwakho-ke selufikile, isikhathi sakho sokujeziswa okokugcina;
26 isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Khumula umshuqulu, wethule umqhele wakho, akusezukufana nakuqala. Phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.
27 Incithakalo, incithakalo, ngiyakwenza incithakalo; nalokhu akuyukwenzeka kuze kufike isehlulelo kulowo esimfanele, bese ngimnika sona.”
28 “Wena ndodana yomuntu, phrofetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uNkulunkulu ngabakwa-Amoni nangehlazo labo, ithi: wena batshele, uthi: “Inkemba, inkemba ihoshiwe, yamenyezeliselwa ukuba ibulale, futhi iqothule njengonyazi,
29 besalibele ukubona amanga ngawe, bebhula inkohliso ngawe, bethi uyakubekwa ezintanyeni zezikhohlakali ezabulawayo, abalusuku lwabo luyofika ngesikhathi okuyoqedwa ngalo okubi.
30 Mayibuyiselwe emgodleni. Endaweni lapho wadalwa khona, ezweni owadabuka kulo, ngiyakukwehlulela khona lapho.
31 Intukuthelo yami ngiyakuyithululela phezu kwakho, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abangongoti bokubhubhisa.
32 Uyakuba ngukudla komlilo, igazi lakho lichithekele emhlabathini; awusayukuphinde ukhunjulwe, ngokuba Mina Simakade ngikhulumile.”