Ezekiel 19
1 “Wena, khihla isililo ngenxa yezikhulu zakwa-Israyeli, uthi:
2 “ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi enjani phakathi kwezingonyama na? Wayebuthisa phakathi kwamabhongo, ondle amawundlu akhe.
3 Wakhulisa elinye lamawundlu akhe, laba yibhongo, lafunda ukudwengula inyamazane, ladla nabantu.
4 Izizwe zezwa ngalo, labanjwa, layiswa ngezingwegwe eGibhithe.
5 “ ‘Walinda, wabona ukuthi ulindele ize, ithemba lakhe selishabalele, wathatha elinye iwundlu lakhe, walenza ibhongo.
6 Lazulazula phakathi kwezingonyama, liyibhongo, laze lafunda ukudwengula inyamazane, ladla nabantu.
7 Labhidliza izinqaba zabo, labhubhisa imizi yabo; izwe laba yincithakalo, nakho konke okukulo, kwathuthumela ngenxa yokubhonga kwalo.
8 Izizwe zase zigasela kulo, zivela kuwo wonke amazwe akhelene nalo, zendlala inetha phezu kwalo, labanjwa ogibeni lwazo.
9 Zalifaka ngezingwegwe endlwaneni evaliweyo, zaliyisa enkosini yaseBhabhele, zalifaka ezinqabeni ukuze ukubhonga kwalo kuphinde kuzwakale ezintabeni zakwa-Israyeli.
10 “ ‘Unyoko wayenjengomvini otshalwe ngasemanzini; othela kakhulu futhi ugcwele amagatsha ngenxa yamanzi amaningi.
11 Wawunamagatsha aqinileyo, aba yizintonga zababusi; isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamagatsha amaningi, wawubonakala ngobude bawo, nangobuningi bamagatsha awo.
12 Kepha wasishulwa ngolaka, wathelwa othulini, umoya wasempumalanga womisa isithelo sawo; isiqu sawo esiqinileyo, sabuna, saqothulwa ngumlilo.
13 Manje usutshalwe ehlane, ezweni eligagadekileyo nelomileyo.
14 Umlilo uphumile esiqwini sawo, wadla amagatsha awo nesithelo sawo, akusalanga gatsha kuwo eliqinileyo, nantonga yokubusa.’ “Lesi yisililo; impela makube yisililo.”