Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Ezekiel 15

:
Zulu - 2020
1 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, kungani ukuba ukhuni lomvini luyedlule yonke eminye imithi, negatsha lomvini phakathi kwezinye izihlahla ehlathini na?
3 Kungathathwa yini ukhuni kuwo ukuba kwenziwe ngalo okuthile na? Abantu bangawenza yini amahhuku okuphanyeka okuthile?
4 Lapho selufakwe emlilweni ukuba kubaswe izihloko zalo zombili sezidliwe ngumlilo, kanjalo nesiqu salo sesishile, ngabe lusenawo yini umsebenzi na?
5 Uma ngesikhathi lusaphelele belungenamsebenzi walutho, kungenziwani ngalo lapho seludliwe ngumlilo, lwasha na?
6 “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘njengokhuni lomvini oluphakathi kwezihlahla zehlathi, engilunikele emlilweni ukuba lushe, kanjalo-ke ngizinikele izakhamuzi zaseJerusalema.
7 Ngiyakubhekana nazo ngqo, ngimelane nazo, nakuba ziphumile emlilweni, nokho ziyakuqedwa yiwo umlilo, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade lapho sengibhekene nazo ngqo.
8 Izwe ngiyakulenza libe yincithakalo, ngokuba abethembekanga, kusho iNkosi uSimakade.’