Ezekiel 12
1 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo, banamehlo okubona kodwa ababoni, banezindlebe zokuzwa, kepha abezwa, ngokuba bayindlu ehlubakayo.
3 “Wena ndodana yomuntu, bopha umthwalo wakho ulungele ukuya ekuthunjweni, uzohamba uye ekuthunjweni emini kwabha, bekubuka. Suka endaweni ohlala kuyo, bebuka, uye kwenye indawo. Mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.
4 Uyowukhipha umthwalo wakho emini bekubuka, njengomthwalo wabaya ekuthunjweni. Wena uyakuphuma kusihlwa bekubuka, njengalabo abaya ekuthunjweni.
5 Gebhula ugange bekubuka, bese uwukhipha lapho umthwalo wakho.
6 Uyakuwuthwala ehlombe bekubuka, uphume nawo sekuhlwile, umboze ubuso bakho ukuze ungaliboni izwe, ngokuba ngikwenze waba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.”
7 Ngenza kanjalo njengoba ngangiyaliwe. Ngawukhipha umthwalo wami emini kwabha, njengomthwalo wokuya ekuthunjweni. Kuthe kusihlwa ngagebhula ugange ngesandla, kwathi lapho sekumnyama, ngawukhipha umthwalo wami, ngawetshatha ehlombe, ngahamba bengibuka.
8 Izwi likaSimakade lafika kimi ekuseni, lathi:
9 “Ndodana yomuntu, ayibuzanga yini kuwe indlu yakwa-Israyeli, indlu ehlubukayo, ukuthi: ‘Wenzani na?’
10 “Yisho kuyo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Lesi yisiphrofetho esimayelana nesikhulu esiseJerusalema, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli nabakulo.” ’ ”
11 “Yisho, uthi: ‘Mina ngiyisibonakaliso kini.’ “Njengalokhu ngenzile, kuyakwenzeka kanjalo kubo. Bayakuya ekuthunjweni beboshiwe.
12 “Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuwetshatha umthwalo ehlombe kusihlwa, sihambe. Bayakugebhula ugange ukuze kukhishwe khona umthwalo; siyokwemboza ubuso baso, ukuba singaliboni izwe ngamehlo aso.
13 Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami, ngisiyise eBhabhele, ezweni lamaKhaledi. Kepha kasiyukulibona, siyakufela lapho.
14 Bonke abasizungezileyo, abasizi baso, nawo wonke amabutho aso, ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngibalandele, ngikhokhe inkemba.
15 “Bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibasabalalise emazweni.
16 Kepha ngiyakuyishiya insali eyingcosana, isinde enkembeni, endlaleni, nasobhubhaneni, ukuze ilande ngazo zonke izinengiso zabo ezizweni lapho beyakuya khona, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.”
17 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
18 “Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho uqhaqhazela, uphuze amanzi akho uthuthumela, futhi wesaba,
19 bese uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kwabakhileyo eJerusalema, ezweni lakwa-Israyeli, ithi: “Bayakudla ukudla kwabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokuthuthumela, ngokuba izwe lakubo liyakuba yincithakalo, liphundlwe konke okugcwele kulo, ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.
20 Imizi okuhlalwa kuyo iyakubhujiswa, izwe libe yincithakalo, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.” ’ ”
21 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
22 “Ndodana yomuntu, saga sini lesi eninaso ezweni lakwa-Israyeli, esithi: ‘Izinsuku ziyedlula, yonke imibono iphenduka ize’ na?
23 “Ngakho yisho kubo uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngizosiqeda leso saga, bangaphindi basisho nanini kwa-Israyeli,” ’ ” kodwa-ke khuluma kubo, uthi: “Izinsuku ziyasondela, nemibono iphelela ezeni.
24 “ ‘Ngokuba akusayukuba khona umbono oyize nokubhula okukhohlisayo endlini yakwa-Israyeli.
25 Kepha Mina Simakade ngiyakukhuluma lokho engiyakukukhuluma, izwi liyakufezeka, futhi aliyukubambezeleka, ngokuba ngezinsuku zenu, nina ndlu ehlubukayo, ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, kusho iNkosi uSimakade.’ ”
26 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
27 “Ndodana yomuntu; indlu ka-Israyeli, ithi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku eziningi ezizayo, uphrofetha ngezikhathi ezisekude.’
28 “Ngakho-ke yisho kubo uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Wonke amazwi ami awayukubambezeleka; lokho engiyakukukhuluma kuyakufezeka,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.