Bible

Elevate

Your Sunday Morning Worship Service

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Ezekiel 10

:
Zulu - 2020
1 Ngabheka, ngabona emkhathini owawuphezu kwamakhanda amakherubhi, okwakufana netshe lesafire, kungathi yisihlalo sobukhosi, kwavela ngaphezu kwabo.
2 USimakade wathi endodeni eyayembethe ilineni: “Ngena phakathi kwamasondo azungezayo, phansi kwekherubhi, ugcwalise izandla zakho zombili ngamalahle avuthayo aphakathi kwamakherubhi, uwahlakaze phezu komuzi.” Yangena-ke, ngizibonela ngawami amehlo.
3 Amakherubhi ayemi ngaseningizimu yendlu ngesikhathi indoda ingena; ifu lagcwala igceke elingaphakathi.
4 Inkazimulo kaSimakade yasuka phezu kwekherubhi, yaya emphemeni wendlu. Indlu yagcwala ifu, negceke lagcwala ukukhazimula kwenkazimulo kaSimakade.
5 Umsindo wamaphiko amakherubhi wezwakala, kwaze kwaba segcekeni elingaphandle, njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.
6 Kwathi lapho eyiyala indoda eyayembethe ilineni, ethi: “Thatha umlilo phakathi kwamasondo aphakathi kwamakherubhi,” yangena, yema eceleni kwesondo.
7 Ikherubhi elaliphakathi kwamakherubhi lelulela isandla salo emlilweni owawuphakathi kwamakherubhi, lathatha omunye wawo, lawubeka ezandleni zendoda eyayembethe ilineni, eyawuthatha yaphuma nawo.
8 Kwabonakala emakherubhini okwakufana nesandla somuntu, kungaphansi kwamaphiko awo.
9 Ngase ngibona amasondo amane eceleni kwamakherubhi, isondo ngalinye limi eceleni kwekherubhi, ukubukeka kwamasondo kwakungathi kuyitshe lekhristolithe.
10 Amakherubhi ayebukeka efana nse, wonke enesondo phakathi kwelinye isondo.
11 Kwakuthi uma ehamba, eya ezinhlangothini zozine, angaphenduki, kodwa lapho ikhanda libheke khona ayelilandela; engaphenduki ngesikhathi ehamba.
12 Umzimba wawo wonke: imihlane yawo, izandla zawo, amaphiko awo namasondo awo, kwakugcwele amehlo nxazonke, namasondo amane ayenawo amehlo.
13 Ngezwa kubizwa amasondo awo ngokuthi: “Amasondo azungezayo.”
14 Yilelo nalelo lalinobuso obune: ubuso bokuqala kungubuso bekherubhi, obesibili kungubuso bomuntu, obesithathu kungubuso bengonyama, obesine kungubuso bokhozi.
15 Amakherubhi ayesephakama, kwakuyilezo zidalwa eziphilayo engazibona ngasemfuleni iKhebhari.
16 Kwakuthi lapho amakherubhi ehamba, namasondo asemaceleni ahambe, kuthi uma amakherubhi evula amaphiko awo ukuba andize, asuke emhlabathini, amasondo angagudluki eceleni kwawo.
17 Kwakuthi uma amakherubhi ema, namasondo ame nse, kuthi uma ephakama, nawo aphakame, ngokuba umoya wezidalwa eziphilayo wawukuwo.
18 Inkazimulo kaSimakade yasuka emphemeni wendlu, yama phezu kwamakherubhi.
19 Amakherubhi avula amaphiko awo, asuka emhlabathini ngizibonela ngawami amehlo, amasondo ayesemaceleni kwawo asuka nawo. Ama ngasekungeneni kwesango lendlu kaSimakade elingasempumalanga; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo.
20 Yilezo izidalwa eziphilayo engazibona phansi kukaNkulunkulu ka-Israyeli, ngasemfuleni iKhebhari, ngazi ukuthi zazingamakherubhi.
21 Yilelo nalelo lalinobuso obune, amaphiko amane, nokufana nezandla zomuntu okwakungaphansi kwamaphiko awo.
22 Ubuso bawo babufana nobuso engangibubone ngasemfuleni iKhebhari, ukubukeka kwabo, nawo uqobo. Yilelo nalelo lahamba laqonda ngqo lapho kubheke khona ubuso balo.