Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Exodus 36

:
Zulu - 2020
1 “UBhezaleli no-Oholiyabhe bayosebenza nabo bonke abanekhono, uSimakade abeke kubo ukuhlakanipha, ukuqonda nokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokwakha indawo engcwele, ngendlela uSimakade ayale ngayo.”
2 UMose wabiza uBhezaleli, u-Oholiyabhe nabo bonke abanekhono, uSimakade ayebaphe ukuhlakanipha, bonke ababenhliziyo zifisa ukuba bazokwenza lo msebenzi.
3 UMose wabanika bonke umnikelo wesihle abantu bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wokwakhiwa kwendawo engcwele. Babewuletha kuye umnikelo wesihle njalo ekuseni imihla ngemihla,
4 kwaze kwathi bonke abanamakhono ababenza imisebenzi eyehlukene endaweni engcwele beza kuMose, yilowo nalowo esuka emsebenzini ayewenza,
5 bathi kuMose: “Abantu baletha izinto eziningi kakhulu kunalezo ezidingekileyo ukwenza umsebenzi uSimakade ayale ukuba wenziwe.”
6 Ngakho-ke uMose wakhipha umyalo kwase kuyamenyezelwa enkanjini kuthiwa: “Akungabe kusaba bikho muntu wesilisa nowesifazane oletha umnikelo wendawo engcwele.” Abantu banqindwa ukuletha umnikelo,
7 ngokuba lokho abase bekulethile kwakungaphezu kokwanele ukuqeda wonke umsebenzi.
8 Bonke ababeyizingcweti phakathi kwabo, bakha ithabanakeli ngamakhethini alishumi elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, nangokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, nangokubomvu, kwathi ngobugcweti obukhulu bawahlobisa ngamakherubhi.
9 Ubude bekhethini babungamakhubhithi angama-28, ububanzi balo bungamakhubhithi amane; wonke ayelingana.
10 Bawahlanganisa amakhethini amahlanu baxhuma elinye kwelinye; namanye ayisihlanu bawahlanganisa baxhuma elinye kwelinye.
11 Benza izinkintsho ngokuluhlaza okwesibhakabhaka emphethweni engxenyeni engasekugcineni kwamakhethini okuqala, benza kanjalo futhi nasesiqeshini esingasekugcineni kwamakhethini esibili.
12 Benza izinkintsho ezingama-50 ekhithinini lokuqala. Benza nezinye ezingama-50 emphethweni wekhethini elihlanganisiweyo lesibili; amakhethini abhekana.
13 Benza izinkintsho zegolide ezingama-50 bahlanganisa ngazo amakhethini, ngakho-ke ithabanakeli laliyinto eyodwa.
14 Benza amakhethini ngoboya bezimbuzi, aba wuphahla lwethabanakeli; bawenza amakhethini aba li-11.
15 Ubude bekhethini babungamakhubhithi angama-30, ububanzi bawo bungamakhubhithi amane; amakhethini ali-11 ayelingana.
16 Bawahlanganisa amahlanu bawenza isiqephu esisodwa, nayisithupha ngokufanayo.
17 Benza izinkintsho ezingama-50 emphethweni wekhethini elaligcinile ekhethinini lokuqala, benza futhi izinkintsho ezingama-50 emphethweni wekhethini elaligcinile esiqeshini sesibili.
18 Benza izinkintsho zethusi zokuhlanganisa ithende ezingama-50, ukuze libe yinto eyodwa.
19 Benza okokufulela ithende ngezikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu. Benza nokunye kokumboza phezulu ngezikhumba zamahlengethwa.
20 Benza amapulangwe ethende ngokhuni lomkhambathi, bawamisa.
21 Ubude bepulangwe babungamakhubhithi alishumi, ububanzi balo buyikhubhithi nengxenye.
22 Ipulangwe ngalinye lalinezikhonkwane ezimbili zokulixhumanisa; benza kanjalo kuwo wonke amapulangwe ethabanakeli.
23 Benza amapulangwe ethabanakeli angama-20 ohlangothini lwaseningizimu, olubheke eningizimu ngendlela efanayo.
24 Benza izisekelo ezingama-40, zizimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe.
25 Ohlangothini lwesibili lwethabanakeli ngasenyakatho benza amapulangwe angama-20,
26 nezisekelo zesiliva ezingama-40, zizimbili phansi kwepulangwe ngalinye, kanjalo nalandelayo.
27 Ngasohlangothini olungemuva kwethabanakeli ngasentshonalanga, benza amapulangwe ayisithupha.
28 Benza amapulangwe amabili emagunjini angemuva ethabanakeli.
29 Ayehlukene phansi, ehlangene phezulu esongweni; bawenza omabili ngale ndlela emagunjini omabili.
30 Kwakunamapulangwe ayisishiyagalombili nezisekelo zawo zesiliva ezili-16; phansi kwalelo nalelo pulangwe kwakunezisekelo ezimbili.
31 Benza imishayo ngokhuni lomkhambathi, yaba mihlanu eyamapulangwe asohlangothini olulodwa lwethabanakeli,
32 nemishayo emihlanu yamapulangwe akolunye uhlangothi lwethabanakeli, neminye emihlanu entshonalanga ngasemuva kwethabanakeli.
33 Benza umshayo ophakathi nendawo, ukuba udabule usuka kulolu hlangothi, uye kolunye uhlangothi lwamapulangwe.
34 Bawacaka amapulangwe ngegolide, benza amasongo awo ngegolide ukuze abambe imishayo, bayicaka nemishayo ngegolide.
35 Benza ikhethini ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, lahlotshiswa ngamakherubhi ngobungcweti obukhulu.
36 Balenzela izinsika ezine ngokhuni lomkhambathi bazicaka ngegolide, izinkintsho zalo ziyigolide. Balenzela nezisekelo ezine zesiliva.
37 Benza amakhethini ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, umsebenzi wengcweti yokuhlobisa.
38 Benza izinsika ezinhlanu nezinkintsho zazo, bacaka izihloko zezinduku nezisekelo ngegolide, kodwa izisekelo zazo ezinhlanu zazingezethusi.