Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Exodus 30

:
Zulu - 2020
1 “Uyokwenza i-althare okuyoshiswa kulo impepho, uyolenza ngokhuni lomkhambathi.
2 Ubude balo buyokuba yikhubhithi, nobubanzi balo bube yikhubhithi, libe yisikwele, ukuphakama kwalo kube ngamakhubhithi amabili. Izimpondo zalo zihlangane nalo.
3 Uyolicaka phezulu ngegolide elicwengekileyo, kuthi izinhlangothi zalo nxazonke, nezimpondo zalo, uzenzele unqenqema lwegolide macala wonke.
4 Uyolenzela amasongo amabili egolide phansi konqenqema lwalo ezinhlangothini ezimbili ezibhekene, ayokuba yizindawo zezingongolo eliyothwalwa ngazo.
5 Uyokwenza izingongolo ngokhuni lomkhambathi, uzicake ngegolide.
6 Uyolibeka i-althare phambi kwesihenqo esingaphezu komphongolo wesivumelwano, phambi kwesihlalo somusa esingaphezu kwawo, lapho ngiyohlangana nani khona.
7 “U-Aroni uyoshisa impepho enuka kamnandi njalo ekuseni, uyokuyishisa njalo ekuseni lapho elungisa izibani.
8 Nalapho u-Aroni esokhela izibani kusihlwa, uyakuyishisa impepho. Impepho iyoshiswa njalo phambi kukaSimakade, izizukulwane ngezizukulwane.
9 Aniyukunikela kulo ngempepho engengcwele, noma ngomnikelo wokushiswa, nangowokusanhlamvu, futhi aniyukuthela kulo umnikelo wokuphuzwayo.
10 U-Aroni uyokwenza umnikelo wokubuyisana phezu kwezimpondo zalo kanye ngonyaka. Izizukulwane ngezizukulwane, u-Aroni uyokwenza inkonzo yokulihlambulula kanye ngonyaka ngegazi lomnikelo wokuhlambulula isono. Lingcwelengcwele kuSimakade.”
11 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
12 “Lapho kubalwa abantu bakwa-Israyeli ukuze bonke babhaliswe, lapho bebhaliswa, bonke bayakukhokha inhlawulo yempilo yabo kuSimakade, ukuze bangehlelwa ubhubhane ngenxa yokubalwa.
13 Yilokhu okuyakunikelwa yinoma yimuphi oyobhalisela ukubalwa: ingxenye yeshekeli ngokwesilinganiso seshekeli lendawo engcwele, ishekeli lingamagera angama-20, ingxenye yeshekeli iyokuba ngumnikelo kuSimakade.
14 Yilowo nalowo osebaliwe, oneminyaka engama-20 ubudala nangaphezulu uyonikela umnikelo kuSimakade.
15 Ocebileyo akayukunikela eqise, kanjalo nompofu akayukunikela kancane kunengxenye yeshekeli lapho niletha lo mnikelo kuSimakade ukuze nihlawulele ukuphila kwenu.
16 Uyothatha imali yenhlawulo kubantu bakwa-Israyeli uyisebenzisele izinkonzo ethendeni lokuhlangana. Iyokuba yisikhumbuzo sesihlengo esenziwa ngenxa yempilo yabo phambi kukaSimakade, kubantu bakwa-Israyeli.”
17 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
18 “Uyokwenza indishi yethusi yokugezela, ibe nesinqe sethusi, uyoyibeka phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, uthele amanzi kuyo.
19 U-Aroni namadodana bayakugeza izandla nezinyawo zabo ngalawa manzi,
20 lapho bengena ethendeni lokuhlangana nalapho besondela e-althare ukuyokhonza, ukuyokwenza umnikelo wokushiswa kuSimakade, bayogeza ngamanzi ukuze bangafi.
21 Bayogeza izandla nezinyawo zabo ukuze bangafi. Lokhu kuyakuba ngumyalo ophakade kubo, kuye nasezizukulwaneni zakhe ngokwezizukulwane zazo.”
22 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
23 “Thatha izinongo zekhethelo: imure engamashekeli angama-500, isinamoni engama-250, ikalamu elinuka kahle elingama-250,
24 ikhasiya elingama-500 ngokweshekeli lendlu engcwele, nehini lamafutha omnqumo.
25 Uyokwenza ngalokhu amafutha okugcoba angcwele, anamakha athakiweyo njengokwenza komthaki, ayakuba ngamafutha angcwele okugcoba.
26 Uyakugcoba ngawo ithende lokuhlangana, umphongolo wesivumelwano,
27 itafula nezinto zonke zalo, uthi lwesibani nezinto ezikulo, i-althare lempepho,
28 i-althare lomnikelo wokushiswa nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo.
29 Uyokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; konke okuzithintayo kuyakuba ngcwele.
30 “Uyogcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.
31 Uyakuthi kubantu bakwa-Israyeli: ‘Lawa ngamafutha ami angcwele okugcoba izizukulwane ngezizukulwane.
32 Awayukusetshenziswa ngabantu ukuba bagcobe ngawo imizimba yabo, futhi awuyukwenza amanye axutshwe njengawo, angcwele, futhi ayoba ngcwele kini.
33 Noma yimuphi oyogcoba ngawo umuntu ongafanele, uyonqunywa phakathi kwabantu.’
34 USimakade wathi kuMose: “Thatha amakha anuka kamnandi: inathafi, ishehelethe, ihelibena, namakha empepho ecwengekileyo.
35 Uyokwenza ngakho impepho, ukuxube namakha njengomthaki, ukufake usawoti ukuze kube yinto ecwengekileyo nengcwele.
36 Uyoqotha ingxenye yakho ibe yimpuphu, bese ubeka ingxenye yakho phambi komphongolo wesivumelwano ethendeni lokuhlangana, lapho ngiyohlangana nani khona, iyoba ngcwelengcwele kini.
37 Uma uthaka impepho ngale ndlela, awuyukuyithaka kube ngeyakho; uyoyithatha ngokuthi ingcwele kuSimakade.
38 Yilowo nalowo oyokwenza enjengale ukuba ayisebenzise njengamakha akhe, uyakunqunywa kubantu bakubo.”