Exodus 28
1 “Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.
2 Uyakumthungela u-Aroni umfowenu izingubo ezingcwele, ezinhle nezokuzihlobisa.
3 Uyakukhuluma kubo bonke abanekhono, engibaphile ikhono ukuba bathungele u-Aroni izingubo ukuze ahlukaniswe abe ngumphristi wami, angikhonze.
4 Yilezi izingubo abayozithunga: isivikelo sesifuba, ingubo yamahlombe, ingubo, ibhantshi elihlotshisiweyo, umshuqulo, nombhunkulo. Lapho bethungela u-Aroni namadodana akhe lezi zingubo ezingcwele ukuze bangikhonze bengabaphristi,
5 bayosebenzisa okuyigolide, okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nelineni elicolekileyo.
6 “Bayokwenza ingubo yamahlombe ngokuyigolide, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, kube ngumsebenzi wobungcweti obukhulu.
7 Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe ezihlanganisiwe emachosheni azo ukuze zikwazi ukubopheka.
8 Ibhande elikuyo liyokwenziwa ngobuciko obufanayo ngokuyigolide, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo.
9 Uyothatha amatshe amabili aligugu i-oniksi, uqophe kuwo amagama ali-12 amadodana ka-Israyeli;
10 amagama ayisithupha etsheni elilodwa, namanye ayisithupha kwelinye itshe njengokwelamana kwawo.
11 Njengomqophi eqopha isisicilelo, uyowaqopha lawa matshe amabili ngamagama amadodana ka-Israyeli, bese uwafaka azungezwe yizisekelo zegolide.
12 Uyowabeka lawa matshe ezizibeni zengubo yamahlombe njengesikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, bese u-Aroni awembathe amagama abo emahlombe akhe phambi kukaSimakade kube yisikhumbuzo.
13 Uyokwenza izisekelo zegolide,
14 namaketanga amabili egolide elicwengekileyo, uwenze abe njengamagoda, uwathandele ezisekelweni zegolide.
15 “Uyokwenza isivikelo sesifuba sokwehlulela, ngobungcweti, uyakusenza ngendlela okwenziwe ngayo ingubo yamahlombe, sibe yigolide, okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nokwelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo.
16 Siyakuba yisikwele, siphindwe kabili, ubude nobubanzi baso bube ngangokuvuleka kwesandla.
17 Uyofaka kuso imigqa emine yamatshe. Kuyokuba ngumugqa onerubhi, yithophazi nebherili;
18 emugqeni wesibili; kube yithurikhosi, yisefaya, ne-emeraldi;
19 emugqeni wesithathu; kube yijasinithe, yi-agathe, ne-amethiyisti;
20 emugqeni wesine kube yikhrisolithe, yi-oniksi, nejasipheri, konke lokhu kuzungezwe ngezisekelo zegolide.
21 Kuyakuba ngamatshe ali-12 ngangesibalo samagama amadodana ka-Israyeli. Ayofana nezisicilelo, yilelo nalelo liqoshwe igama lesizwe ngasinye kwezili-12.
22 Uyokwenza kuso isivikelo sesifuba amaketanga egolide anjengamagoda aphothiweyo.
23 Wenze kuso amasongo amabili egolide, uwanamathelise emachosheni esivikelo sesifuba.
24 Uyofaka amaketanga amabili egolide nezintambo zegolide emasongweni omabili esivikelo sesifuba asemaceleni.
25 Amachopho amabili amagoda, uyowathandela ezisekelweni bese uwathandela phambili ezizibeni zengubo yamahlombe.
26 Uyokwenza amasongo amabili egolide, uwafake emachosheni omabili esivikelo sesifuba, engxenyeni engaphakathi eseduze nengubo yamahlombe.
27 Uyokwenza amasongo amabili egolide, uwafake phambili emachosheni omabili omphetho wengubo yamahlombe kuthi okuhlanganisiwe kube phezu kwebhande elihlotshisiweyo.
28 Isivikelo sesifuba siyoboshwa ngamasongo aso, siboshelwe emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka, ukuze sibe phezu kwebhande lengubo yamahlombe elifekethisiweyo, nokuba isivikelo sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.
29 “U-Aroni uyokwembatha amagama amadodana ka-Israyeli esivikelweni sesifuba sokwehlulela esiqondene nenhliziyo yakhe, lapho engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo esingapheliyo phambi kukaSimakade.
30 Uyofaka esivikelweni sesifuba sokwehlulela, i-Urimi neThumimi, kuyakuba ngasenhliziyweni ka-Aroni lapho engena phambi kukaSimakade, ngakho-ke u-Aroni uyakuthwala njalo enhliziyweni yakhe phambi kukaSimakade, ukwehlulelwa kwabakwa-Israyeli.”
31 “Uyokwenza ingubo emboza ingubo yamahlombe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka,
32 iyakuba nembobo yekhanda phakathi nayo, ibe nomphetho owelukiweyo oyizungezile le mbobo, njengembobo yebhantshi lensimbi ukuze ingadabuki.
33 Emphethweni wayo ongezansi uyofaka amahananadi enziwe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, nangokubomvu, kuwuzungeze wonke umphetho wayo, kube nokhencekhence begolide phakathi kwawo,
34 kube yisikhencezo segolide nehananadi kuzungeze umphetho wengubo.
35 U-Aroni uyakuyigqoka njalo uma eyokhonza, ukukhenceza kwayo kuyozwakala lapho eya endaweni engcwele phambi kukaSimakade, nalapho ephuma, ukuze angafi.
36 “Uyokwenza ucwecwe lwegolide elicwengekileyo, uqophe kulo njengokuqoshwa kwendandatho, ukuthi: ‘Wehlukaniselwe uSimakade.’
37 Uyolubophela emshuqulweni ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka, lube phambi kwalo.
38 Luyokuba sebunzini lika-Aroni. U-Aroni uyakuthwala icala lanoma yimuphi umnikelo ongcwele, abantu bakwa-Israyeli abawehlukanisa njengomnikelo ongcwele, luyohlala njalo ebunzini lakhe ukuze bamukeleke phambi kukaSimakade.
39 “Uyokweluka ibhantshi ngelineni elicolekileyo, nomshuqulu ngelineni elicolekileyo, nebhande elifekethisiweyo.
40 Uyowathungela amabhantshi amadodana ka-Aroni, amabhande, nezigqoko, kube ngawokuhloba kwawo.
41 Uyokugqokisa u-Aroni, umfowenu namadodana akhe. Uyobagcoba, ubabeke, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.
42 “Uyobenzela namabhulukwe elineni ukuze kufihlwe ubunqunu babo, asuke okhalo aze afinyelele emathangeni.
43 U-Aroni namadodana akhe bayowagqoka lapho bengena ethendeni lokuhlangana, nalapho besondela e-althare ukuyokhonza endaweni engcwele, uma bengenzi kanjalo bayakuzithwesa icala, bafe. Lokhu kuyakuba yisimiso saphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe kuze kube phakade.