Exodus 25
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Khuluma nabantu bakwa-Israyeli ukuze bangilethele umnikelo, kube yilowo nalowo anikele ngokuthanda kwenhliziyo yakhe; ningilethele umnikelo wami.
3 Yilo umnikelo eniyakuwuletha uvela kubo: igolide, isiliva, ithusi,
4 okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, ilineni elicolekileyo, uboya bezimbuzi;
5 izikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu; izikhumba zamahlengethwa, izingodo zokhuni lomkhambathi,
6 amafutha ezibani, amakha, amafutha okugcoba nawempepho,
7 amatshe amashohamu, namatshe okuhlobisa ingubo yamahlombe nasesifubeni.
8 “Mabangenzele ithabanakeli elingcwele ukuze ngihlale phakathi kwabo.
9 Yenzani konke njengalokho engizakunikhombisa khona, umfanekiso wethabanakeli, nayo yonke impahla ekulo, niyakuyenza kanjalo.”
10 “Bayakuwenza umphongolo ngokhuni lomkhambathi, ubude bube ngamakhubhithi amabili nengxenye, ububanzi bube yikhubhithi nengxenye, nokuphakama kwawo kube yikhubhithi nengxenye.
11 Uyakuwucaka ngegolide elicwengekileyo ngaphandle nangaphakathi, uwenzele umphetho wegolide nxazonke.
12 Uwenzele amasongo amane egolide, uwafake emilenzeni yawo yomine; amasongo abe mabili ohlangothini ngalunye.
13 Wenze izingongolo ngokhuni lomkhambathi bese uzicaka ngegolide,
14 izingongolo uzifake emasongweni asezinhlangothini zomphongolo ukuze uthwalwe ngazo.
15 Izingongolo kufanele zihlale emasongweni, zingasuswa kuwo.
16 Uyofaka emphongolweni izibhebhe zamatshe engizokunika zona.
17 Uyokwenza isivalo sesihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo, ubude baso bube ngamakhubhithi amabili nengxenye, ububanzi baso bube yikhubhithi nengxenye.
18 Uyokwenza amakherubhi amabili ngegolide elicangcathiweyo; uwabeke emphethweni wesihlalo somusa nxazombili zaso.
19 Uyokwenza ikherubhi ngalinye libe sekugcineni kwezinhlangothi zombili, uwenze ekugcineni nxazombili, ahlangane nesihlalo somusa.
20 Amakherubhi ayokwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze ngawo isihlalo somusa, abhekane ngobuso; ubuso bawo buyobheka isihlalo somusa.
21 Uyosibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake phakathi izibhebhe zamatshe engizokunika zona.
22 Ngiyohlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa naphakathi kwamakherubhi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngiyakukuyala ngakho konke oyakukukhuluma kubantu bakwa-Israyeli.”
23 “Uyokwenza itafula ngokhuni lomkhambathi, ubude balo bube ngamakhubhithi amabili, ububanzi balo bube yikhubhithi, nokuphakama kwalo kube yikhubhithi nengxenye.
24 Uyolicaka ngegolide elicwengekileyo, ulenzele umphetho wegolide nxazonke.
25 Uyolenzela unqenqema olungangesandla ububanzi nxazonke, ulenzele nomphetho wegolide nxazonke.
26 Uyolenzela amasongo amane ngegolide, uwafake emakhoneni omane asemilenzeni yalo.
27 Eduze konqenqema kuyakuba khona amasongo okuyongena kuwo izingongolo zokuthwala itafula.
28 Uyozenza izingongolo ngokhuni lomkhambathi, uzicake ngegolide ukuze itafula lithwalwe ngazo.
29 Uyokwenza izingqwembe zalo, izinkomishi, izinkezo, nezinkamba zokuthela; ukwenze ngegolide elicwengekileyo.
30 Uyobeka njalo phambi kwami phezu kwetafula isinkwa soBukhona bami.”
31 “Uyokwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uyakulwenza ngomsebenzi ocangcathiweyo, isisekelo salo, nesiqu salo kwenziwe ngegolide elicangcathiweyo; izimbali zokuhlobisa, imiqumbe, namacembe, kube kunye nalo.
32 Kuyakuba khona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, abe mathathu ngasohlangothini ngalunye.
33 Igatsha lokuqala kufanele lithwale izindebe ezintathu ezimise okwe-alimondi eliqhakazileyo, imiqumbe, namacembe avulekileyo. Igatsha lesibili kufanele lithwale izindebe ezintathu ezimise okwe-alimondi, nemiqumbe namacembe azo. Makufane kuwo wonke amagatsha ayisithupha enabele ngaphandle othini lwezibani.
34 Othini lwezibani makube nezindebe ezine ezimise okwe-alimondi, nemiqumbe yazo, namacembe azo.
35 Kuyokuba khona umqumbe phansi kwamagatsha amabili, umqumbe phansi kombanqwana bamagatsha esibili, nomqumbe phansi kombanqwana bokugcina bamagatsha, kuyoba njalo kuwo oyisithupha amagatsha enabele ngaphandle othini lwezibani.
36 Imiqumbe yawo, namagatsha awo ayokuba yingxenye eyodwa nawo, konke kube ngumsebenzi owodwa ocangcathiwe wegolide elicwengekileyo.
37 “Uyokwenza izibani eziyisikhombisa uzibeke othini, zikhanyise phambi kwalo.
38 Uyokwenza izindlawu nezitsha zomlotha ngegolide elicwengekileyo.
39 Uthi lwezibani nakho konke lokhu makwenziwe ngamathalenta egolide elicwengekileyo.
40 Qikelela ukuba lokho ukwenze ngendlela okhonjiswe yona kule ntaba.