Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Exodus 21

:
Zulu - 2020
1 “Yilezi izehlulelo ozakuzimisa phambi kwabo:
2 uma uthenga isigqila somHebheru, masikusebenzele iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa siyakuhamba singesikhululekileyo, singakhokhi lutho.
3 Uma sifike sisodwa, siyakuphuma sisodwa, uma sifike sesiganiwe siyakuhamba nomkaso.
4 Uma umniniso esinike umfazi samzalela amadodana noma amadodakazi, owesifazane nabantwana bayoba ngabomnini wesigqila, sona siphume sihambe sodwa.
5 Kepha uma isigqila sisho ngokucacile sithi: ‘Ngiyamthanda umnumzane wami, nomkami nabantwana bami, ngakho-ke anginakuhamba njengokhululekileyo,’
6 umniniso uyosithatha asilethe kuNkulunkulu, uyosimisa ngasemnyango noma ngasensikeni yomnyango bese umniniso esibhoboza indlebe ngosungulo, sibe yisigqila sakhe impilo yaso yonke.
7 “Uma indoda ithengisa ngendodakazi yayo ukuba ibe yisigqila, ayinakukhululwa njengoba kukhululwa izigqila zesilisa.
8 Uma singamthokozisi umniniso, owasikhetha ukuba sibe ngesakhe, uyakuvuma ukuba sihlengwe; akayukuba nalungelo lokuba asidayisele abantu bezizwe, lokhu engasiphathanga kahle yena.
9 Uma ithenga isigqila sesifazane ukuze isinikele endodaneni yaso ngokwesiko iyosiphatha njengendodakazi yayo.
10 Uma indoda ithatha omunye umfazi, kufanele umfazi wokuqala iqhubeke nokumnikeza ukudla nezingubo njengakuqala, namalungelo akhe obufazi angaguquki.
11 Uma indoda ingasakufezi lokhu okuthathu esigqilini sayo, kufanele isikhulule, futhi ingakhokhelwa lutho ngaso.
12 “Umuntu oshaya omunye ambulale, naye uyakubulawa.
13 Kepha uma kube yingozi engakusophile, kunguNkulunkulu omnikele esandleni sakhe, ngiyakummisela indawo lapho eyobalekela khona.
14 Kodwa uma umuntu ehlasela abulale omunye ngobuqili, kufanele naye asuswe e-althare lami abulawe.”
15 “Oshaya uyise noma unina kufanele abulawe.
16 “Noma ngubani othumba omunye, athengise ngaye noma atholakale kuye, kufanele abulawe.
17 “Noma ngubani oqalekisa uyise noma unina kufanele abulawe.
18 “Nxa abantu belwa, omunye ashaye umakhelwane wakhe ngetshe noma ngenqindi, angafi, kepha alale embhedeni,
19 uma elulama, akwazi ukuzihambela phandle ngenduku, owamshayayo akayukujeziswa, nokho uyomkhokhela ngesikhathi sakhe esichithekileyo, elashwe aze alulame.
20 “Uma indoda ishaye isigqila sayo sesilisa noma sesifazane ngenduku saze safa phansi kwesandla sayo, kufanele ijeziswe nokujeziswa,
21 kodwa uma leso sigqila siphile izinsukwana ezimbili noma ezintathu ayiyukujeziswa, ngokuba isigqila siyimpahla yayo.
22 “Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelwe, aphuphunyelwe yisisu, kodwa yena angalimali ndawo, lowo muntu uyohlawuliswa njengoba indoda yalowo wesifazane inqumile ukuba ahlawule, ngokwesinqumo sabehluleli.
23 Uma kuvela ingozi kufanele kwenanwe ukuphila ngokuphila,
24 iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo,
25 ukushiswa ngokushiswa, umvimbo ngomvimbo, inxeba ngenxeba.
26 “Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe sesilisa noma sesifazane, iso alibulale, uyosikhulula ngenxa yeso laso.
27 Uma eshaye isigqila sakhe sesilisa noma esesifazane saphuma izinyo, isigqila siyakuhamba singokhululekileyo ngenxa yezinyo laso.”
28 “Uma inkabi igwaze owesilisa noma owesifazane yambulala, leyo nkabi iyakukhandwa ngamatshe, ife; inyama yayo ayiyukudliwa, umniniyo akayukuba nacala.
29 Uma inkabi ijwayele ukugwaza abantu, futhi nomniniyo exwayisiwe ngalokho, kodwa angayibophi, uma-ke ibulala owesilisa noma owesifazane, iyokhandwa ngamatshe, nomniniyo abulawe.
30 Kepha uma umniniyo ehlawulisiwe, uyakukhokha leyo nhlawulo emisiweyo ngalowo obulewe.
31 Uma inkabi igwaze yabulala umfana noma intombazane le mithetho engenhla yiyona eyolandelwa.
32 Uma inkabi igwaze yabulala isigqila sesilisa noma sesifazane, umniniyo uyokhokhela umnini wesigqila amashekeli esiliva angama-30; inkabi ikhandwe ngamatshe.
33 “Uma umuntu evula umgodi noma emba umgodi angawembozi bese kukhalakathela kuwo inkabi noma imbongolo,
34 umnini womgodi uyokhokhela umnini wesilwane ngemali; yena athathe isilwane esifileyo sibe ngesakhe.
35 “Uma inkabi yomunye ibulala inkabi yomunye, bobabili bayoyithengisa inkabi ephilayo bese behlukaniselana ngemali; babuye behlukaniselane ngenyama yenkabi efileyo.
36 Kepha uma kwaziwa ukuthi le nkabi inomkhuba wokuhlasela, nomniniyo engayivaleli, kufanele akhokhele umnini wenkabi efileyo ngenkabi ephilayo; yena agcine leyo efileyo kube ngeyakhe.