Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Exodus 2

:
Zulu - 2020
1 Kwasuka indoda kwabendlu kaLevi yaganwa yindodakazi kaLevi.
2 Wakhulelwa lowo wesifazane wazala indodana; kwathi lapho eyibona ukuthi yinhle, wayifihla izinyanga ezintathu.
3 Kuthe lapho engasakwazi ukuyifihla wayithatha wayifaka ebhokisini elaliphicwe ngekhwani, lahuqwa ngebhithumeni nekoliyati, walibeka emhlangeni owawusosebeni lomfula.
4 Udadewabo wema buqamama ukuze abone ukuthi kuzokwenzekani kuye.
5 Kwase kwehla indodakazi kaFaro iyogeza emfuleni, abaphelezeli bayo bagudla osebeni lomfula; yayisibona ubhasikidi emhlangeni, yayisithumela umsizi wayo ukuyowulanda.
6 Kwathi lapho iwuvula yabona; bheka, kwakungumfana; wayekhala. Yamhawukela, yayisithi: “Lona ngomunye wezingane zamaHebheru.”
7 Udadewabo wathi endodakazini kaFaro: “Ngihambe yini ngiyokulandela umzanyana kwabesifazane bamaHebheru ukuba akuncelisele yona na?”
8 Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba.” Intombazane yahamba yayobiza unina wengane.
9 Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Thatha lo mntwana uyongincelisela yena, ngizokukhokhela.” Owesifazane wamthatha umntwana wamncelisa.
10 Umntwana wakhula, wayesemyisa endodakazini kaFaro, waba yindodana yayo; yamqamba ngokuthi nguMose, ngokuba yathi: “Ngamkhipha emanzini.”
11 Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.
12 Waqalaza ngapha nangapha, wangabona muntu, wayesembulala umGibhithe, wamfihla esihlabathini.
13 Ngakusasa lapho ephuma, nanka amadoda amabili amaHebheru elwa; wayesethi kuleyo ndoda eyayonile: “Umshayelani umfowenu na?”
14 Yaphendula yathi: “Ngubani okubeke inkosi nomehluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala njengalokhu ubulele umGibhithe na?” UMose wayesesaba, wacabanga wathi: “Impela lokhu sekuyaziwa.”
15 Lapho uFaro esezwile ngalokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka phambi kukaFaro, wayohlala kwaMidiyani, wahlala phansi eduze komthombo.
16 Kwakukhona umphristi kwaMidiyani owayenamadodakazi ayisikhombisa; eza ezokukha amanzi, ukuba agcwalise imikhombe ukuze imfuyo kayise iphuze.
17 Abelusi bafika bawaxosha, kodwa uMose wasukuma wawasiza, wawuphuzisa umhlambi wawo.
18 Lapho efika kuyise uRehuweli, wathi kuwo: “Yini eyenze nabuya masinya namuhla na?”
19 Athi kuye: “UmGibhithe usikhululile esandleni sabelusi, wabuye wasikhelela amanzi, wawuphuzisa nomhlambi.”
20 Wathi emadodakazini akhe: “Pho uphi na? Nimshiyeleni? Mbizeni ukuze azokudla.”
21 UMose wavuma ukuhlala nalowo muntu. Waganisela uMose indodakazi yakhe uZiphora.
22 Wazala indodana wayibiza ngokuthi nguGereshomu, ngokuba ethi: “Ngingumfokazi ezweni labezizwe.”
23 Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.
24 UNkulunkulu wakuzwa ukububula kwabo, wayesesikhumbula isivumelwano ayesenze no-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.
25 UNkulunkulu wababheka abantu bakwa-Israyeli, futhi wabanakekela.