Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Exodus 19

:
Zulu - 2020
1 Kwathi ngenyanga yesithathu emveni kokuphuma kwabantu bakwa-Israyeli eGibhithe, ngalo lolo lusuku, bafika ehlane iSinayi.
2 Basuka eRefidimi bafinyelela ehlane iSinayi, bakanisa ehlane; abakwa-Israyeli bakanisa lapho-ke, phambi kwentaba.
3 UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uSimakade wambiza esentabeni, wathi: “Yisho kanje kuyo indlu kaJakobe, umemezele kubantu bakwa-Israyeli, uthi:
4 ‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
5 Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.
6 Niyakuba ngumbuso wabaphristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi oyokuwakhuluma kubantu bakwa-Israyeli.’
7 UMose wahamba wabiza amalunga abantu, wakhuluma phambi kwawo wonke amazwi uSimakade ayemyale ngawo.
8 Bonke abantu baphendula ngazwi linye, bathi: “Siyokwenza konke uSimakade akushilo kithi.” UMose wabuyisela kuSimakade wonke amazwi ayekhulunywe ngabantu.
9 USimakade wathi kuMose: “Bheka ngizokuza kuwe ngefu elimnyama, ukuze abantu bezwe uma ngikhuluma nawe, nokuba emveni kwalokho bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose wambikela uSimakade lokho okwakushiwo ngabantu.
10 USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izembatho zabo,
11 bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke.
12 Uyakubamisela abantu umngcele nxazonke, uthi: ‘Qaphelani ningenyukeli entabeni, noma nithinte umngcele wayo. Noma ngubani othinta intaba uyakubulawa impela.
13 Mabangathintwa ngesandla, kodwa mabakhandwe ngamatshe, noma bacitshwe ngemicibisholo, noma ngabe yisilwane, noma ngumuntu akuyukuphila.’ Lapho icilongo likhala isikhathi eside, bayokhuphukela entabeni.”
14 UMose wehla entabeni, waya kubantu. Wabangcwelisa abantu base behlanza izingubo zabo.
15 Wathi kubantu: “Zilungiseleleni lezi zinsuku ezintathu; ningasondeli kwabesifazane.”
16 Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela.
17 UMose wabahola abantu enkanjini ukuba bayohlangana noNkulunkulu, bama ekuqaleni kwentaba.
18 Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.
19 Lapho umsindo wecilongo wawulokhu uzwakala kakhulu ungathuli, uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.
20 USimakade wehlela esiqongweni sentaba iSinayi, wayesebiza uMose ukuba akhuphukele kuso, uMose wakhuphuka.
21 USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha.
22 Nabaphristi abasondela kuSimakade mabazingcwelise, funa uSimakade ababhubhise.”
23 UMose wathi kuSimakade: “Abantu ngeke bakhuphukele entabeni iSinayi, ngokuba Wena usixwayisile, wathi: ‘Misa umngcele, uyingcwelise intaba.’
24 USimakade wathi kuye: “Yehla, uhambe ubuye no-Aroni nize lapha, kodwa abaphristi nabantu mabangafohli bakhuphukele kuSimakade funa ababhubhise.”
25 UMose wehla wakhuluma nabantu.