1Inkosi u-Ahasheveroshi yathelisa intela izwe nababeseziqhingini zolwandle.
2Zonke izinto ezinkulu, nezimangalisayo azenzayo, nendaba yonke yokukhushulelwa kukaMoridekhayi esikhundleni esikhulu, kubhaliwe emilandweni yamakhosi amaMediya namaPheresiya.
3UMoridekhayi, umJuda, wayengowesibili ngokwesikhundla embusweni wenkosi u-Ahasheveroshi, enamandla phakathi kwabaJuda, iningi labakubo limthanda, ngokuba wayesebenzela inhlalakahle yabantu bakubo, elwela ukuphatheka kahle kwazo zonke izizukulwane zabo.