Ecclesiastes 112020

1Phonsa isinkwa sakho emanzini, ngokuba uzosithola emva kwezinsuku eziningi.

2Yipha abayisikhombisa isabelo sakho, kanjalo abayisishiyagalombili, ngokuba awazi ukuthi bubi buni obungahle behlele umhlaba.

3Uma amafu emumethe imvula, ayithululela emhlabeni; nesihlahla uma siwela ngaseningizimu noma ngasenyakatho, sitholakala lapho siwele khona.

4Onaka umoya akasoze atshala; nalowo onaka amafu akasoze avuna.

5Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.

6Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, ungasiphumuzi isandla sakho kuze kuhlwe, ngokuba kawazi ukuthi yiyiphi ezomila; yilena noma yileya, noma zombili zizoba zinhle ngokufanayo.

7Ukukhanya kumnandi, kuthokozisa amehlo ukubuka ilanga.

8Noma umuntu angaphila iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, nokho makakhumbule ukuthi izinsuku zobumnyama zizoba ziningi. Konke okuzayo kuyize.

9Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.

10Susa ukungeneliseki engqondweni yakho, uxoshe ubuhlungu emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nokuqala kokuphila kuyize.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Ecclesiastes 11.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.