Deuteronomy 62020

1“Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,

2ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.

3Yizwa-ke Israyeli, uqikelele ukukwenza, ukuze kube kuhle kuwe, nande kakhulu, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakho akuthembisa izwe elichichima ubisi noju.

4“Yizwa, Israyeli: uSimakade uNkulunkulu wethu, uSimakade, munye.

5Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho.

6Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziyweni yakho.

7Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka.

8Uyakuwabophela abe wuphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.

9Ubowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho.

10“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni afunga ngalo kokhokho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uzoninika lona: imizi emikhulu nemihle ongayakhanga,

11izindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, imithombo embiweyo ongayimbanga, izivini neminqumo ongakutshalanga, uyodla futhi usuthe,

12kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.

13“Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe.

14Aniyukulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezile

15ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu, funa intukuthelo kaSimakade uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikushabalalise ebusweni bomhlaba.

16“Ningamlingi uSimakade uNkulunkulu wenu, njengalokhu namlinga eMasa.

17Niyakugcina ngokucophelela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

18Uyokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaSimakade, ukuze kube kuhle kuwe, ungene, ulidle lelo lizwe elihle uSimakade afunga kokhokho bakho

19ukuthi uzozixosha zonke izitha zakho phambi kwakho, njengalokhu ekhulumile uSimakade.

20“Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Bufakazi buni, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wethu aniyala ngakho, na?’

21“Uyakuthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe, kodwa uSimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.

22USimakade wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kukaFaro nendlu yakhe yonke phambi kwamehlo ethu,

23wasikhipha lapho ukuze asingenise, asinike izwe alifungela kokhokho bethu.

24USimakade wasiyala ukuba senze zonke lezo zimiso, simesabe uSimakade uNkulunkulu wethu, ukuze kube kuhle kithi njalo, asigcine siphilile njengoba kunjalo namuhla.

25Kuyakuba ngukulunga kithi, uma siqaphela ukuyenza yonke le miyalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, njengalokhu esiyalile.’ ”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Deuteronomy 6.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.