Deuteronomy 34
1 UMose wakhuphuka emathafeni kwaMowabi, wenyukela entabeni iNebho, esicongweni iPhisiga esiqondene neJerikho. USimakade wamkhombisa lonke izwe lakwaGileyadi kuze kufike kwaDani,
2 lonke elakwaNafethali, elakwa-Efrayimi, elakwaManase, nalo lonke elakwaJuda kuze kufike olwandle entshonalanga.
3 Wamtshengisa iNegevu nethafa lesigodi iJerikho umuzi wamasundu kuze kufike eZowari.
4 USimakade wathi kuye: “Nanto-ke izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika uzalo lwakho; ngikuvumele walibona ngamehlo akho, kodwa awuyukuwelela kulo.’ ”
5 UMose inceku kaSimakade wafela khona lapho kwaMowabi, njengezwi likaSimakade.
6 Wamngcwaba esigodini kwaMowabi, maqondena neBhethi Pheyori kodwa akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namhlanje.
7 UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi.
8 Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.
9 UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
10 Akuzange kuphinde kuvele umphrofethi kwa-Israyeli owayefana noMose, owayazana noSimakade ubuso nobuso.
11 Akekho owayengalinganiswa naye ngazo zonke izibonakaliso nezimangaliso uSimakade amthumela ukuba azenze eGibhithe, kuFaro, kuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke,
12 nangazo zonke izenzo zamandla, nezinto ezesabekayo uMose azenza phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli bebuka.