Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Deuteronomy 21

:
Zulu - 2020
1 “Uma kutholakala umuntu obulewe ezweni akunika lona uSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, edindilize endle, kungaziwa ukuthi ubulewe ngubani;
2 izingwevu zakini nabehluleli bakini bayophuma, amabanga ukuya emizini ezungeze obuleweyo.
3 Kuyothi umuzi oseduze nobuleweyo, amalunga akulowo muzi athathe ezinkomeni isithole esingakaze siboshelwe, sindonse ijoka.
4 Amalunga alowo muzi ayokwehlisela isithole esigodini esinomfudlana ogelezayo, esingakaze silinywe noma kutshalwe kuso, bese ephula intamo yesithole khona lapho esigodini.
5 Abaphristi, amadodana kaLevi, bayosondela, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaSimakade; yibona abayokhipha isinqumo mayelana nakho konke ukuxabana nokulwa.
6 Wonke amalunga alowo muzi oseduze nalapho kubulawelwe khona lowo muntu, ayogeza izandla zawo phezu kwesithole esephulwe intamo esigodini.
7 Ayofakaza athi: ‘Izandla zethu azilichithanga leli gazi, namehlo ethu awakubonanga lokhu.
8 Simakade, thethelela abantu bakho, u-Israyeli, obahlengileyo. Susa igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho, u-Israyeli,’ ngakho bayothethelelwa icala legazi.
9 Uyolisusa kanjalo-ke igazi elingenacala phakathi kwakho, uyokwenza okulungile emehlweni kaSimakade.”
10 “Kuyothi lapho uphuma uya empini, uSimakade uNkulunkulu wakho azinikele izitha zakho ezandleni zakho, uzithathe, uzithumbe.
11 Uma ubona phakathi kwabathunjwa besifazane owesifazane omuhle, ohunga inhliziyo yakho, ufune ukumthatha abe ngumkakho,
12 uyomyisa ekhaya lakho; uyakuphuca ikhanda lakhe, anqume izinzipho zakhe,
13 akhumule izingubo zakhe zokuthunjwa; uyohlala endlini yakho, alilele uyise nonina inyanga yonke, andukuba uye kuye ulale naye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho.
14 Kepha uma ungenelisekile ngaye, uyomkhulula ahambe aye lapho ethanda ukuya khona; impela awuyukuthengisa ngaye ngemali, awuyukumphatha njengesigqila, ngokuba umthele ngehlazo, walala naye.”
15 “Uma indoda inabafazi ababili, omunye eyintandokazi, omunye eyisaliwakazi, bayizalele amadodana, bese kuthi indodana eyizibulo ibe ngeyalowo oyisaliwakazi,
16 kuyothi mhla ehlukanisela amadodana akhe ifa analo, ngeke akwazi ukwenza indodana yentandokazi ibe yizibulo phezu kwendodana yesaliwakazi, okuyiyona eyizibulo.
17 Kodwa uyokuvuma obala ukuthi indodana yesaliwakazi yiyo eyizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yiyona engukuqala kwamandla akhe; ilungelo lobuzibulo lingelayo.”
18 “Uma umuntu enendodana enenkani, ehluphayo, engalilaleli izwi likayise noma elikanina, engalaleli noma beyiyala,
19 uyise nonina bayoyibamba, bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lakubo.
20 Bathi kumalunga omuzi: ‘Le ndodana yethu inenkani, iyahlupha, ayilaleli izwi lethu; iyisiminzi nesidakwa.’
21 Onke amadoda omuzi wakubo ayoyikhanda ngamatshe ize ife, uyobususa kanjalo-ke ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli uyozwa, esabe.”
22 “Uma umuntu onile efanelwe wukufa, uyobulawa, aphanyekwe emthini.
23 Isidumbu sakhe asiyukuhlala ubusuku bonke emthini, kodwa uyomngcwaba impela ngalolo lusuku, ukuze isiqalekiso sikaNkulunkulu sibe phezu kophanyekiweyo, ungalingcolisi izwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho.”