Amos 62020

1Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!

2Dlulelani eKhaline, nibone; nisuke lapho niye eHamathi elikhulu, bese nehlela eGathi lamaFilisti. Bangcono yini kunale mibuso na? Ngabe izwe labo likhulu yini kunelenu na?

3Nina eniluqhelisela kude usuku olubi, nisondeze isihlalo sobudlova.

4Balala emibhedeni ehlotshiwe ngophondo lwendlovu, bazelule ezihlalweni zabo ezinofonofo, badle amawundlu omhlambi namathole aphuma esibayeni.

5Bacula amaculo ngohambu, benze izimfijoli njengoDavide.

6Baphuza iwayini ngezindebe, bazigcobe ngamafutha ekhethelo, kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.

7Ngakho-ke sebezothunjwa babe phakathi kwabokuqala kwabathunjwayo, kuphele ukutamasa kwabanethezekile.

8INkosi uSimakade izifungile, kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi: “Ngiyakwenyanya ukuzigqaja kukaJakobe, ngiyazizonda izigodlo zakhe; ngiyakuwukhaphela umuzi nokukuwo.”

9Kuyakuthi uma kusele amadoda alishumi endlini eyodwa, afe.

10Lapho umalume wakhe emphakamisa nalowo omshisayo endlini, bese umuntu othile athi kophakathi endlini: “Ukhona yini osele nawe endlin na?” Yena uyakuphendula athi: “Akekho,” bese ethi: “Thula, ngokuba asinakuliphatha igama likaSimakade.”

11Ngokuba bhekani, uSimakade ukhipha umyalo, uyakushaya indlu enkulu ibe yizimvithi, nendlu encane ibe yimfucumfucu.

12Amahhashi angagijima yini emadwaleni na? Kungalinywa yini lapho ngezinkabi na? Ngokuba nihlanekezele ubulungiswa baba ngubuthi, nesithelo sokulunga saba ngumhlonyane,

13Nina enithokoza ngeLo Debhari, nithi: “Asizithathelanga yini iKharnayimi ngezikhwepha zethu na?”

14“Niyabona-ke, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli, esiyakunicindezela kusukela ekungeneni eHamathi kuze kube sesigodini i-Araba,” kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Amos 6.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.