Amos 6
1 Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!
2 Dlulelani eKhaline, nibone; nisuke lapho niye eHamathi elikhulu, bese nehlela eGathi lamaFilisti. Bangcono yini kunale mibuso na? Ngabe izwe labo likhulu yini kunelenu na?
3 Nina eniluqhelisela kude usuku olubi, nisondeze isihlalo sobudlova.
4 Balala emibhedeni ehlotshiwe ngophondo lwendlovu, bazelule ezihlalweni zabo ezinofonofo, badle amawundlu omhlambi namathole aphuma esibayeni.
5 Bacula amaculo ngohambu, benze izimfijoli njengoDavide.
6 Baphuza iwayini ngezindebe, bazigcobe ngamafutha ekhethelo, kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.
7 Ngakho-ke sebezothunjwa babe phakathi kwabokuqala kwabathunjwayo, kuphele ukutamasa kwabanethezekile.
8 INkosi uSimakade izifungile, kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi: “Ngiyakwenyanya ukuzigqaja kukaJakobe, ngiyazizonda izigodlo zakhe; ngiyakuwukhaphela umuzi nokukuwo.”
9 Kuyakuthi uma kusele amadoda alishumi endlini eyodwa, afe.
10 Lapho umalume wakhe emphakamisa nalowo omshisayo endlini, bese umuntu othile athi kophakathi endlini: “Ukhona yini osele nawe endlin na?” Yena uyakuphendula athi: “Akekho,” bese ethi: “Thula, ngokuba asinakuliphatha igama likaSimakade.”
11 Ngokuba bhekani, uSimakade ukhipha umyalo, uyakushaya indlu enkulu ibe yizimvithi, nendlu encane ibe yimfucumfucu.
12 Amahhashi angagijima yini emadwaleni na? Kungalinywa yini lapho ngezinkabi na? Ngokuba nihlanekezele ubulungiswa baba ngubuthi, nesithelo sokulunga saba ngumhlonyane,
13 Nina enithokoza ngeLo Debhari, nithi: “Asizithathelanga yini iKharnayimi ngezikhwepha zethu na?”
14 “Niyabona-ke, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli, esiyakunicindezela kusukela ekungeneni eHamathi kuze kube sesigodini i-Araba,” kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla.