Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Amos 3

:
Zulu - 2020
1 Yizwani leli lizwi uSimakade alikhulume ngani bantu bakwa-Israyeli, nangawo wonke umndeni awukhipha eGibhithe, uthi:
2 “Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”
3 Bangahambisana yini abantu ababili uma bengavumelananga na?
4 Ibhubesi lingabhodla yini ehlathini uma lingabambe nyamazane na? Ibhongo lengonyama lingagwavuma yini uma lingabambe lutho na?
5 Inyoni ingawela yini ogibeni olusemhlabathini uma kungekho ecushwe ngakho na? Unoxhaka ungazisukela yini emhlabathini uma impela ungabambe lutho na?
6 Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?
7 Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.
8 Ingonyama ibhongile, pho ngubani ongayukwesaba na? INkosi uSimakade ikhulumile, pho ngubani ongayukuphrofetha na?
9 Memezelani ezinqabeni e-Ashidodi, nasezinqabeni eGibhithe, nithi: “Qoqanani ezintabeni eSamariya, nibone inxushunxushu enkulu nokucindezelwa okuphakathi kulo.”
10 “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade. “Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.”
11 Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sibhidlize izinqaba zenu, siphange nezigodlo zenu.”
12 Usho kanje uSimakade uthi: “Njengomelusi ekhulula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma ingxenye yendlebe, bayakukhululwa kanjalo abantu bakwa-Israyeli, abahlala eSamariya ezihlalweni ezinofonofo ezembozwe ngosilika.”
13 “Lalelani, nixwayise indlu kaJakobe,” kusho iNkosi uSimakade, uNkulunkulu Wamabandla.
14 “Ngokuba mhla ngimjezisa u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakudiliza nama-althare eBhethele, nginqume nezimpondo ze-althare, ziwele phansi.
15 Ngiyakubhidliza indlu yasebusika neyasehlobo, kushabalale izindlu ezihlotshiswe ngophondo lwendlovu, kudilike izindlu eziningi,” kusho uSimakade.