Amos 12020

1Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.

2Wathi: “USimakade uyabhonga eZiyoni, azwakalise izwi lakhe eJerusalema. Amadlelo abelusi ayagagadeka, nesicongo seKharmeli siyabuna.”

3Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseDamaseku, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba babhula iGiliyadi ngezinsingo zensimbi.

4Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo endlini kaHazayeli, uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.

5Ngiyakwaphula imigoqo yamasango eDamaseku, ngibhubhise izakhamuzi zasesigodini i-Aveni, nophethe intonga yobukhosi eBhethi Edeni. Abantu base-Aramu bayakuthunjelwa eKhiri,” kusho uSimakade.

6Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo ukuba babakhaphele ku-Edomi.

7Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza, uyakungqongqisa izinqaba zalo.

8Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.

9Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo babakhaphela ku-Edomi, bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.

10Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eThire, uyakungqongqisa izinqaba zalo.”

11Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.

12Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani, uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”

13Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.

14Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.

15Inkosi yabo iyakuthunjwa, yona kanye nezikhulu zayo,” kusho uSimakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Amos 1.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.