Acts 42020

1Kwathi besakhuluma nabantu, kwatheleka abaphristi nenduna yethempeli nabaSadusi,

2benengwe kakhulu ngokufundisa kwabo abantu, nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo.

3Bababamba, babafaka ejele kwaze kwaba lusuku olulandelayo, ngokuba kwase kuhlwile.

4Kodwa abaningi abalizwayo izwi bakholwa, babebalelwa emadodeni ayizi-5 000.

5Kwathi ngakusasa, kwabuthana eJerusalema ababusi, amalunga, izazimthetho,

6u-Anase umphristi omkhulu, uKhayifase, uJohane, u-Aleksandru, nabo bonke abendlu yomphristi omkhulu;

7babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Nikwenze lokhu ngaliphi igunya nangaliphi igama na?”

8UPhethro egcwele uMoya oNgcwele, wathi kubo: “Babusi besizwe nani malunga,

9uma sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle owenzelwe umuntu ogulayo ukuthi uphiliswe kanjani,

10makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile.

11Yena uyitshe elanqatshwa yinina bakhi, manje eseliyinhloko yegumbi.

12“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”

13Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu,

14kodwa akukho ababengakuphika lapho bembona nomuntu ophilisiweyo emi nabo.

15Base bebayala ukuba baphumele phandle, bashiye umkhandlu, balulekana bodwa,

16bethi: “Sizakwenzani ngalaba bantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJesuralema ukuthi yibona abenze isibonakaliso esikhulu esingenakho ukusiphika.

17Kodwa ukuze lokhu kungandi phakathi kwabantu, masibadonse ngendlebe, ukuthi bangalokothi baliphathe lelo gama kunoma ngubani.”

18Base bebabiza, babadonsa ngendlebe ukuba bangakhulumi, futhi bangafundisi nakanye ngegama likaJesu.

19Kepha uPhethro noJohane babaphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,

20ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”

21Sebebesabisile babadedela, ngokuba abazanga ukuthi bazobajesiza kanjani lokhu kwakunabantu, bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.

22Umuntu okwakwenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphiliswa wayeseneminyaka eyevile kwengama-40.

23Kuthe sebededelwe, baya kwabakubo; bababikela konke abaphristi abakhulu namalunga abakushilo kubo.

24Sebezwile, benyusela izwi labo nganhliziyonye kuNkulunkulu, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, umhlaba, ulwandle nakho konke okukukho,

25nguWena owakhuluma ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho, wathi: “ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize na?

26Amakhosi omhlaba aviva ndawonye, nababusi bahlangene ukumelana neNkosi kanye noGcotshiweyo wayo.’

27“Ngokuba kuwo lo muzi, uHerode, uPhontiyu Pilatu, nabezizwe nabantu bakwa-Israyeli bahlangana bamelana neNceku yakho engcwele, uJesu owamgcobayo,

28ukufeza lokho owawuyimisele ukuba ikwenze kwaphambilini, ngesandla nangecebo lakho ukuba kwenzeke.

29Manje, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi,

30wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”

31Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.

32Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye namphefumulo munye, akubanga bikho noyedwa owathi ngempahla yakhe, ingeyakhe, kodwa bahlanganyela kukho konke.

33Abaphostoli bethula ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.

34Kwakungekho osweleyo phakathi kwabo, ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, imali yalokho ababekuthengisile bayiletha,

35bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli, kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuntula kwakhe.

36Kwathi uJosefa owaqanjwa ngabaphostoli ngokuthi uBharnabha, okusho ukuthi indodana ekhuthazayo, engumLevi waseKhuphro ngokuzalwa,

37enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Acts 4.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.