2 Timothy 42020

1Ngiyakuyala ngokweqiniso phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu oyakwehlulela abaphilayo nabafileyo, ngokubonakala kwakhe nangombuso wakhe, ngithi:

2shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

3Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.

4Bayakufulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.

5Kepha wena zithibe ezintweni zonke, ubekezele ebunzimeni, wenze umsebenzi womvangeli, futhi uwufeze umsebenzi wakho ngokupheleleyo.

6Ngokuba mina sengivele ngiyanikelwa, nesikhathi sokumuka sesifikile.

7Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga, ngikugcinile ukukholwa;

8manje sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo lusuku iNkosi, umehluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kodwa bonke abakuthandile ukubonakala kwayo.

9Phangisa uze kimi ngokushesha.

10Ngokuba uDema wangishiya waya eThesalonikha ngenxa yokuthanda leli lizwe lamanje. UKhreske waya eGalathiya, uThithu waya eDalmathiya;

11uLuka nguye kuphela onami. Ubokuza noMakhu, ngokuba uwusizo kimi emsebenzini.

12UThikhiku ngimthume e-Efesu.

13Ijazi engalishiya eThrowa kuKharphu uboliphatha uma uza lapha, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.

14U-Aleksandru, umkhandi wethusi, wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakuphindesela kuye ngokwemisebenzi yakhe.

15Nawe-ke umxwaye, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.

16Ekuziphenduleleni kwami kokuqala, kwakungekho noyedwa owayengakimi, kodwa bonke bangihlamuka; sengathi lokho kungebalelwe kubo.

17Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.

18INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.

19Khonza kuPhriska, ku-Akhwila nakwabendlu ka-Onesiforu.

20U-Erastu wasala eKhorinte, kodwa uThrofimu ngamshiya egula eMilethu.

21Phangisa uze lapha, bungakangeni ubusika. Bayakhonza o-Ewubulu, uPhude, uLinu, uKlawudiya nabo bonke abazalwane.

22INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa ube nani.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 2 Timothy 4.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.