2 Timothy 22020

1Ngakho-ke wena mntanami, qina emseni okuKhristu uJesu.

2Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye.

3Hlanganyela nami ekuhluphekeni njengebutho elihle likaKhristu.

4Akekho othi esebenza njengebutho alibale yiminako yalokhu kuphila, kodwa ulwela ukuthokozisa lowo ombuthileyo.

5Kanjalo futhi uma umuntu esemncintiswaneni, akanikwa umqhele uma engayilandelanga imithetho yokuncintisana.

6Kufanele ukuba umlimi osebenzayo kube nguye othola isabelo sezithelo zokuqala.

7Kucabangisise lokhu engikushoyo, ngokuba iNkosi iyakukunika ukuba uziqonde zonke lezi zinto.

8Khumbula uJesu Khristu owavuswa kwabafileyo, owolibo lukaDavide, ngokwevangeli lami,

9engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.

10Ngakho-ke ngibekezelela konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKhristu uJesu, nenkazimulo yaphakade.

11Lithembekile leli lizwi elithi: ngokuba uma safa naye, siyakuphila futhi naye.

12Uma sikhuthazela, siyakubusa futhi sikanye naye; uma simphika naye uyakusiphika.

13Uma singethembekile, Yena uhlala ethembekile, ngokuba akakwazi ukuziphika.

14Bakhumbuze ngalokhu, futhi ubaxwayise phambi kukaNkulunkulu ukuba bangaqophisani ngamazwi, ngokuba lokho akusizi ngalutho, kodwa kukhubekisa abalaleleyo.

15Khuthalela ukuba uziveze wethembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esilifundisa siliqonde izwi leqiniso.

16Kepha kugweme ukukhuluma kwezwe okuyize, ngokuba kubhebhezela ukungamesabi uNkulunkulu,

17kuthi ukukhuluma kwabo kubhibhe njengesilonda somuna esibhucukayo, okukhona kulabo oHimenewu noFiletu,

18abaphambukileyo eqinisweni, bethi ukuvuka kwabafileyo sekwedlulile, futhi bachitha ukholo lwabanye.

19Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”

20Kepha endlini enkulu akuhlali kuphela izitsha zegolide nezesiliva, kodwa nezokhuni nezebumba; ezinye ngezihloniphekileyo, ezinye ngezingahloniphekile.

21Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezi zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekileyo, esingcwelisiweyo, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe wonke umsebenzi omuhle.

22Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo.

23Kodwa ziqhelelanise empikiswaneni engubuwula nengenangqondo, wazi ukuthi lokho kudala ukulwa.

24Inceku yeNkosi ayifanele ukulwa, kodwa ifanele ibe mnene kubo bonke, ibe nekhono lokufundisa, ibekezele,

25ibayale ngomoya omnene abamelene nayo, hleze uNkulunkulu abanike ithuba lokuphenduka, baze balivume iqiniso,

26basanguluke engqondweni, baphunyuke ogibeni lukaSathane, ababambe ngalo ukuze benze intando yakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 2 Timothy 2.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.