2 Corinthians 62020

1Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,

2ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile nangosuku lwensindiso ngakuhlenga.” Qaphela, manje sekuyisikhathi esihle kakhulu. Impela, manje wusuku lwensindiso.

3Asibekeli muntu isikhubekiso, funa inkonzo yethu igxekwe.

4Kepha kukho konke sizibonakalisa sinjengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, osizini, ekwesweleni, ekubandezekweni,

5ekushayweni, ekuboshweni, eziphithiphithini, ekukhandlekeni, ekuqwasheni, ekuzileni ukudla;

6ngenhlanzeko, ngolwazi, ngokubekezela, ngobumnene, ngoMoya oNgcwele, ngothando olungazenzisi,

7ngezwi leqiniso, ngamandla kaNkulunkulu, ngezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo,

8ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,

9njengabangaziwa kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti siyaphila, njengabashaywayo kanti asibulawa,

10njengabadabukileyo, kodwa sithokoza njalo, njengabampofu, kepha sibe sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.

11Sikhuluma kini nina baseKhorinte, sikhululekile, inhliziyo yethu ivulekile kini,

12asinigodleli uthando lwethu, kodwa anisivulelanga ingaphakathi lenu,

13kepha ukuze kube khona ukwenana, ngikhuluma kini njengabantwana; nani-ke vulani izinhliziyo zenu.

14Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba ukulunga kunakuhlanganyela kuni nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?

15Unakuvumelana kuni uKhristu noBheliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?

16Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”

17Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,

18ngibe nguYihlo, nina nibe ngamadodana, namadodakazi ami,” kusho iNkosi uSomandla.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 2 Corinthians 6.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.