2 Chronicles 272020

1UJothamu wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha, indodakazi kaZadoki.

2Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengalokho konke ayekwenzile uyise, u-Uziya, kodwa akazange angene ethempelini likaSimakade. Abantu baqhubeka ukwenza okungalungile.

3Wakha isango elingenhla lendlu kaSimakade; wakha okuningi ogangeni e-Ofeli.

4Wakha imizi kwelezintaba kwaJuda; wakha emahlathini izinqaba nemibhoshongo.

5Walwa nenkosi yabantu bakwa-Amoni, wabehlula. Ngawo lowo nyaka abakwa-Amoni bamnika amathalenta esiliva ayikhulu, amakhora kakolo ayizi-10 000, nawebhali ayizi-10 000. Nangonyaka wesibili nangowesithathu abakwa-Amoni babuye bakuyisa kuye lokhu.

6UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.

7Ezinye izindaba zikaJothamu, nazo zonke izimpi zakhe, nezindlela zakhe, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nawakwaJuda.

8Wayeneminyaka engama-25 lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema.

9UJothamu walaliswa kokhokho bakhe, bammbela emzini kaDavide. U-Ahazi waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 2 Chronicles 27.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.