Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

2 Samuel 4

:
Zulu - 2020
1 Indodana kaSawule isizwile ukuthi u-Abhineri ufile eHebhroni, yadangala kakhulu, no-Israyeli wonkana wakhathazeka.
2 Indodana kaSawule yayinezinduna ezimbili zabahlaseli: enye kwakunguBhahana enye kunguRekhabhi. Babengamadodana kaRimoni waseBherothi, wozalo lukaBhenjamini ngokuba iBherothi indawo eyanikwa uBhenjamini.
3 Abantu baseBherothi babalekela eGithayimi, bagogobala khona kuze kube namuhla.
4 UJonathani, indodana kaSawule, yayinendodana elunyonga. Yayineminyaka emihlanu lapho kuzwakala izindaba ngoSawule noJonathani zivela eJizreyeli, ngakho-ke umzanyana wayo wayithatha, wabaleka nayo. Ngesikhathi ephuthuma ebaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo kwakunguMefibhoshethi.
5 Amadodana kaRimoni waseBherothi, uRekhabhi noBhahana ahamba, afika endlini ka-Ishi Bhoshethi emini sekushisa ilanga; wayecambalele embhedeni wakhe emini.
6 Bangena endlini kungathi bazolanda ukolo, base bemgwaza esiswini; uRekhabhi noBhahana, babaleka.
7 Babengene endlini ka-Ishi Bhoshethi esazilalele embhedeni ekamelweni lakhe, bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, balithatha bahamba nalo ubusuku bonke ngendlela ese-Araba.
8 Ikhanda lika-Ishi Bhoshethi baliyisa kuDavide eHebhroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lesitha sakho u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, owayefuna ukuphila kwakho, kodwa uSimakade ukuphindiselele namuhla nkosi yami, nkosi, kuSawule nakulo uzalo lwakhe.”
9 UDavide wabaphendula oRekhabhi noBhahana, umfowabo, amadodana kaRimoni waseBherothi, wathi kubo: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owuhlengile umphefumulo wami kulo lonke usizi.
10 Umuntu owangitshela ukuthi: ‘Bheka, uSawule ufile,’ ecabanga ukuthi ungilethele izindaba ezinhle, ngambamba, ngambulala eZikilagi, ecabanga ukuthi ngizomnika umvuzo ngezindaba ayezilethile.
11 Kakhulu kangakanani lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo, ezilalele embhedeni wakhe, endlini yakhe; igazi lakhe angiyukulibiza yini kini, nginishabalalise emhlabeni na?”
12 UDavide wayeseyala izinsizwa zakhe, zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka eceleni kwechibi eHebhroni. Kepha balithatha ikhanda lika-Ishi Bhoshethi, balimbela ethuneni lika-Abhineri eHebhroni.