Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

2 Kings 24

:
Zulu - 2020
1 Emihleni yakhe kwenyuka uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe, ekhonze kuye iminyaka emithathu, wabuye wamhlubuka.
2 USimakade wathumela kuye amaviyo amaKhaledi, awama-Aramu, awakwaMowabi nawakwa-Amoni, wawathumela ukuba ambhubhise uJuda njengezwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo wezinceku zakhe, abaphrofethi.
3 Kwenzeka ngokweqiniso kwaJuda lokho uSimakade ayekukhulumile ukuze abasuse ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase, nakho konke ayekwenzile,
4 nangenxa yegazi elingenacala ayelichithile, wagcwalisa iJerusalema ngalo, lokho uSimakade akazange avume ukukuthethelela.
5 Ezinye izindaba zikaJehoyakimi, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
6 UJehoyakimi walaliswa kokhokho bakhe, uJehoyakini, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
7 Inkosi yaseGibhithe ayibuyanga futhi yaphuma ezweni lakubo, ngoba inkosi yaseBhabhele yayithathe konke okwenkosi yaseGibhithe, kusukela emfuleni eGibhithe kuze kuyofika eYufrathe.
8 UJehoyakini wayeneminyaka eli-18 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguNehushitha, indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema.
9 Wenza okubi emehlweni kaSimakade njengakho konke okwenziwa ngokhokho bakhe.
10 Ngaleso sikhathi izinceku zikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, zakhuphukela eJerusalema, zawuvimbezela umuzi.
11 UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wafika emzini owawuvinjezelwe yizinceku zakhe.
12 Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.
13 Yakhipha yonke ingcebo yendlu kaSimakade, ingcebo yasesigodlweni senkosi, yaphihliza zonke izinto zegolide inkosi uSolomoni wakwa-Israyeli ayezenzele ithempeli likaSimakade njengoba uSimakade ayeshilo.
14 Yathumba lonke iJerusalema, zonke izikhulu, wonke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizi-10 000, izingcweti nabakhandi, ayishiyanga muntu, ngaphandle kwalabo bezwe ababedla imbuya ngothi.
15 Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBhabhele, indlovukazi unina wenkosi, amakhosikazi enkosi, izinduna zayo, nezikhulu zezwe, bonke yabathumba besuka eJerusalema yabayisa eBhabhele.
16 Wonke amadoda anamandla ayizi-7 000, izinyanga, abakhandi, izinkulungwane zamaqhawe ayezilungiselele ukulwa; bonke inkosi yaseBhabhele yabathumba yabayisa eBhabhele.
17 Inkosi yaseBhabhele yabeka uMathaniya, uyisekazi, waba yinkosi esikhundleni sakhe, yaliguqula igama lakhe waba nguZedekiya.
18 UZedekiya wayeneminyaka engama-21 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa eJerusalema iminyaka eli-11. Igama likanina kwakunguHamithali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina.
19 Wenza okubi emehlweni kaSimakade, njengakho konke okwenziwa nguJehoyakimi.
20 Lokho kwenzeka eJerusalema kwaJuda ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla ebusweni bakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.