Bible

Elevate

Your Sunday Morning Worship Service

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

2 Kings 15

:
Zulu - 2020
1 Kwathi ngonyaka wama-27 wokubusa kukaJerobhowamu, inkosi ka-Israyeli, u-Azariya, indodana ka-Amaziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi kwaJuda.
2 Wayeneminyaka eli-16 ngesikhathi eqala ukubusa. Wabusa iminyaka engama-52 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJekholiya waseJerusalema.
3 Wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengalokhu kwenza uyise, u-Amaziya.
4 Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga, abantu babesalokhu behlaba khona, beshisa impepho kuzo.
5 USimakade wayishaya ngesifo sochoko inkosi kwaze kwaba sekukhothameni kwayo; yayihlala endlini eqhelile kwezinye. UJothamu, indodana yenkosi, wayengamele umuzi, ehlulela abantu bezwe.
6 Ezinye izindaba zika-Azariya, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
7 U-Azariya walaliswa kokhokho bakhe, bammbela kokhokho bakhe emzini kaDavide. UJothamu, indodana ka-Azariya, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
8 Ngonyaka wama-38 wokubusa kuka-Azariya, inkosi kwaJuda, uZakhariya, indodana kaJerobhowamu, waba yinkosi kwa-Israyeli, eSamariya, izinyanga eziyisithupha.
9 Wenza okubi emehlweni kaSimakade njengoba kwenza okhokho bakhe, akachezukanga ekwenzeni izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli.
10 UShalumi, indodana kaJabheshi, wamakhela uzungu wambulala phambi kwabantu, wayeseba yinkosi esikhundleni sakhe.
11 Ezinye izindaba zikaZakariya azilotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
12 Yilelo izwi likaSimakade alikhuluma kuJehu, wathi: “Amadodana akho, kuze kube sesizukulwaneni sesine, ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.” Kwaba kanjalo.
13 UShalumi, indodana kaJabheshi, waba yinkosi ngonyaka wama-39 wokubusa kuka-Uziya, inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga yaba yinye vo, eSamariya.
14 UMenahemu, indodana kaGadi, wenyukela eThiriza; wafika eSamariya wabulala uShalumi, indodana kaJabheshi, wayesebusa esikhundleni sakhe.
15 Ezinye izindaba zikaShalumi, nogobe lwakhe alwenzayo kulotshiwe ngazo encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
16 Ngaleso sikhathi, uMenahemu wabhubhisa iThifisa nakho konke okwakukulo, izifunda zalo kusuka eThiriza, ngokuba abazange bamvumele. Walibhubhisa, waqhaqha bonke abesifazane ababekhulelwe.
17 Ngonyaka wama-39 wokubusa kuka-Azariya, inkosi kwaJuda, uMenahemu, indodana kaGadi, waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka elishumi eSamariya.
18 Wenza okubi emehlweni kaSimakade, akachezukanga, zonke izinsuku zakhe, ezonweni zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli.
19 Kwase kufika uPhuli, inkosi yase-Asiriya, ukuzohlasela izwe. UMenahemu wamnika uPhuli amathalenta ayinkulungwane esiliva, ukuze amsize ukuqinisa umbuso esandleni sakhe.
20 UMenahemu wakhokhisa u-Israyeli nabo bonke abantu ababecebile, imali, umuntu ngamunye wayekhipha amashekeli angama-50 ukuze awanike inkosi yase-Asiriya. Inkosi yase-Asiriya yayisibuyela kwelakubo, ayabe isahlala ezweni.
21 Ezinye izindaba zikaMenahemu, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
22 UMenahemu walaliswa kokhokho bakhe; uPhekhaya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
23 Ngonyaka wama-50 wokubusa kuka-Azariya, inkosi yakwaJuda, uPhekhaya, indodana kaMenahemu, waba yinkosi kwa-Israyeli, eSamariya; wabusa iminyaka emibili.
24 Wenza okubi emehlweni kaSimakade, akachezukanga ezonweni zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli.
25 UPheka, indodana kaRemaliya, umkhuzi wempi yakhe, wamakhela uzungu ekanye nabangama-50 bakwaGileyadi. Bambulala eSamariya esenqabeni yesigodlo no-Arigobhi no-Ariye, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
26 Ezinye izindaba zikaPhekhaya nakho konke akwenzayo, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
27 Ngonyaka wama-52 wokubusa kuka-Azariya, inkosi yakwaJuda, uPheka, indodana kaRemaliya, waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka engama-20 eSamariya.
28 Wenza okubi emehlweni kaSimakade, akachezukanga ezonweni zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli.
29 Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.
30 UHosheya, indodana ka-Ela, wamakhela uzungu uPheka, indodana kaRemaliya, wamhlasela, wambulala, wayeseba yinkosi esikhundleni sakhe; kwakungunyaka wama-20 wokubusa kukaJothamu, indodana ka-Uziya.
31 Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
32 Ngonyaka wesibili wokubusa kukaPheka, indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu, indodana ka-Uziya, waba yinkosi yakwaJuda.
33 Wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eqala ukubusa, wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha, indodakazi kaZadoki.
34 Wenza okulungileyo emehlweni kaSimakade, wenza njengakho konke ayekwenzile uyise u-Uziya.
35 Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, beshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango elingenhla endlini kaSimakade.
36 Ezinye izindaba zikaJothamu, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
37 Ngalezo zinsuku uSimakade wathumela kwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu, noPheka, indodana kaRemaliya.
38 UJothamu walalaliswa kokhokho bakhe, wembelwa kokhokho bakhe emzini kaDavide. U-Ahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.