2 Kings 11
1 Kwathi ukuba u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, abone ukuthi indodana yakhe ifile, waqala ukubhubhisa bonke abasebukhosini.
2 Kepha uJehoshebha, indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wathatha uJowashi, indodana ka-Ahaziya. Wameba phakathi kwamadodana enkosi ayezobulawa, wamfihla nomzanyana wakhe ekamelweni. Wamfihla kanjalo ku-Athaliya ukuze angabulawa.
3 UJowashi wahlala efihlwe lapho endlini kaSimakade iminyaka eyisithupha, ngesikhathi izwe libuswa ngu-Athaliya.
4 Ngonyaka wesikhombisa, uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKharithe nezabalindi, wazingenisa kuye endlini kaSimakade. Wenza isivumelwano nazo, wazifungisa zisendlini kaSimakade, wayesezibonisa indodana yenkosi.
5 Waziyala wathi: “Nansi into okumele niyenze: ingxenye eyodwa kokuthathu yenu engena ngesabatha iyakuba ngabalindi bendlu yenkosi,
6 enye ingxenye yokuthathu yenu ibe sesangweni eZuri, enye ingxenye yokuthathu yenu ibe sesangweni emva kwabalindi, niyilinde nokuyilinda indlu ngokudedelana.
7 Amaviyo enu amabili abo bonke labo abaphuma ngesabatha, ayakulinda indlu kaSimakade enkosini.
8 Niyakuyizungeza inkosi nxazonke, yilowo nalowo ephethe izikhali zakhe ngesandla. Oyongena phakathi kwezinhla uyakubulawa; yibani nenkosi lapho iphuma nalapho ingena.”
9 Izinduna zamakhulu zenza njengalokhu uJehoyada, umphristi, eziyalile. Kwaba yileyo naleyo yathatha amabutho ayo abezongena ngesabatha nalawo ayezophuma ngalo, zeza nawo kuJehoyada, umphristi.
10 Umphristi wanika izinduna zamakhulu imikhonto namahawu okwakungokwenkosi uDavide, okwakusendlini kaSimakade.
11 Abalindi bema, bayingunga inkosi, kuyilowo nalowo ephethe izikhali zakhe ngesandla; kusukela ohlangothini lwakwesokunene lwendlu kuze kube kolwakwesokhohlo lwayo, nxazonke ze-althare, nendlu.
12 UJehoyada wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayethwesa umqhele, wayinika ubufakazi, base beyibeka ukuba ibe yinkosi, bayigcoba, bashaya ihlombe behalalisa, bethi: “Mana njalo, nkosi!”
13 U-Athaliya wezwa umsindo wabalindi nowabantu, wayeseya kubantu endlini kaSimakade,
14 wabona inkosi imi ngasensikeni njengokusho komthetho. Izikhulu nabamacilongo babengakuyo, bonke abantu bahlala ezweni bethokozile, beshaya amacilongo. U-Athaliya waklebhula izingubo zakhe, wamemeza, wathi: “Wugobe! Wugobe!”
15 UJehoyada, umphristi, wayala izinduna zamakhulu nezikhulu ezaziphethe impi, wathi kuzo: “Mkhipheleni phandle kwendlu, nimfake phakathi kwezinhla. Omlandelayo nimbulale ngenkemba. Umphristi wathi: ‘Makangabulawelwa endlini kaSimakade.’ ”
16 Bamdedela nxazombili, wayesehamba ngendlela okungena ngayo amahhashi endlini yenkosi; wabulawelwa lapho.
17 UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.
18 Bonke abantu abahlala ezweni baya endlini kaBhali, bayibhidliza, ama-althare ayo nezithombe zayo bakuphahlaza kwaba yizicucu, babulala uMathani, umphristi kaBhali, phambi kwama-althare. Umphristi wabeka abalindi endlini kaSimakade.
19 Wayeseqoqa izinduna zamakhulu, amaKharithe, abalindi, nabo bonke abantu bezwe, bayithatha inkosi bayehlisa isuka endlini yesango labalindi esigodlweni, ngendlela yesango labalindi. Yafike yahlala esihlalweni sobukhosi.
20 Abantu bonke bezwe bathokoza kakhulu, umuzi waba nokuthula. U-Athaliya babembulele ngenkemba esigodlweni.
21 UJehowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ngesikhathi eqala ukubusa.