Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

2 Corinthians 8

:
Zulu - 2020
1 Kepha manje siyanazisa bazalwane, ngomusa kaNkulunkulu awuphiweyo amabandla aseMakhedoniya,
2 ngesikhathi esinzima sokuvivinywa, ukuthokoza kwawo kwavama ngisho esebuphofini obukhulu, kunalokho kwanda ukuphana okukhulu kuwo.
3 Ngokuba ngingafakaza ukuthi anikela engaphoqiwe ngokwamandla awo nangaphezu kwamandla awo.
4 Yiwona asinxusela kakhulu ecela umusa wokuba ahlanganyele ekukhonzeni abangcwele;
5 lokhu akubanga njengokuba sasilindele, kodwa azinikela wona kuqala eNkosini nakithi ngentando kaNkulunkulu,
6 saze samncenga uThithu njengokuba wayesevele eqalile phambilini ukuba nakini awufeze futhi lowo msebenzi womusa.
7 Kepha nakuba nivamile kukho konke: ekukholweni, emazwini, ekwazini, nasekukhuthaleni konke, nasothandweni esinithanda ngalo, manje nivame nakuwo lowo msebenzi womusa.
8 Angikusho lokhu njengomyalo, kodwa ukuba ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu.
9 Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.
10 Kulolu daba, ngininika isiyalo sami ukuthi kungcono kini enaqala ngonyaka odlule ukuthi ningenzi nje okuthile, kodwa ukuba nifise ukwenza okuthile.
11 Manje-ke, qedani enikwenzayo, ukuze ukulangazelela nokufisa kwenu kuhambisane nokuwuqeda kwenu ngokwamandla enu.
12 Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.
13 Lokhu angikusho ukuze nina nikhathazeke, abanye bakhululeke, kodwa makube ngokulinganayo,
14 ukuze kuthi ngalesi sikhathi ninenala nisize abanye ekusweleni kwabo, nabo ngokunjalo enaleni yabo, basize nani ekusweleni kwenu, ukuze kube khona ukulingana,
15 njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Kowaba nokuningi kakusalanga, nowaba nokuncane kantulanga.”
16 Kepha makabongwe uNkulunkulu obeke enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,
17 ngokuba naye kagcinanga ngokwemukela umyalo wethu, kodwa eqhutshwa yinkuthalo enkulu, uphumile weza kini engaqhutshwa muntu.
18 Simthume kanye nomunye umzalwane odumile kuwo wonke amabandla ngenxa yokushumayela kwakhe ivangeli.
19 Kungesikho lokho kuphela, kodwa ukhethiwe futhi ngamabandla ukuba ahambe nathi ngenxa yalo mnikelo onikelwe yini, ukuze udumo lube ngolweNkosi, kubonakaliswe ukukhuthala kwethu.
20 Sigwema lokhu ukuba kungabi bikho osisolayo ngenxa yalesi sipho esikhulu esisiphetheyo,
21 ngokuba siyazihlonipha izinto ezinhle, hhayi nje phambi kweNkosi, kepha nasemehlweni abantu imbala.
22 Sithumele kanye nabo umzalwane wethu esimfumene kaningi ekhuthele ezintweni eziningi, manje-ke ukhuthele kakhulu ngenxa yokunethemba kwakhe okukhulu.
23 Uma kubuzwa ngoThithu, ngibambisene naye futhi uyisisebenzi kanye nabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla, bayinkazimulo kaKhristu.
24 Ngakho bonakalisani kubo phambi kwamabandla ubufakazi bothando lwenu nokuzincoma kwethu ngani.