Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

2 Corinthians 6

:
Zulu - 2020
1 Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,
2 ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile nangosuku lwensindiso ngakuhlenga.” Qaphela, manje sekuyisikhathi esihle kakhulu. Impela, manje wusuku lwensindiso.
3 Asibekeli muntu isikhubekiso, funa inkonzo yethu igxekwe.
4 Kepha kukho konke sizibonakalisa sinjengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, osizini, ekwesweleni, ekubandezekweni,
5 ekushayweni, ekuboshweni, eziphithiphithini, ekukhandlekeni, ekuqwasheni, ekuzileni ukudla;
6 ngenhlanzeko, ngolwazi, ngokubekezela, ngobumnene, ngoMoya oNgcwele, ngothando olungazenzisi,
7 ngezwi leqiniso, ngamandla kaNkulunkulu, ngezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo,
8 ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,
9 njengabangaziwa kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti siyaphila, njengabashaywayo kanti asibulawa,
10 njengabadabukileyo, kodwa sithokoza njalo, njengabampofu, kepha sibe sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
11 Sikhuluma kini nina baseKhorinte, sikhululekile, inhliziyo yethu ivulekile kini,
12 asinigodleli uthando lwethu, kodwa anisivulelanga ingaphakathi lenu,
13 kepha ukuze kube khona ukwenana, ngikhuluma kini njengabantwana; nani-ke vulani izinhliziyo zenu.
14 Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba ukulunga kunakuhlanganyela kuni nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?
15 Unakuvumelana kuni uKhristu noBheliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?
16 Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”
17 Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,
18 ngibe nguYihlo, nina nibe ngamadodana, namadodakazi ami,” kusho iNkosi uSomandla.