2 Chronicles 35
1 UJosiya waligcina iphasika likaSimakade eJerusalema. Balihlaba iphasika ngosuku lwe-14, ngenyanga yokuqala.
2 Wabeka abaphristi ezikhundleni zabo, wabagqugquzela emsebenzini wendlu kaSimakade.
3 Wathi kubaLevi ababefundisa wonke u-Israyeli, futhi ababengcwele kuSimakade: “Bekani umphongolo ongcwele endlini eyakhiwa nguSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. Akuseyukuba bikho mthwalo phezu kwamahlombe enu, manje mkhonzeni uSimakade uNkulunkulu wenu nabantu bakhe, u-Israyeli.
4 Zilungiseni ngokwezindlu zokhokho nangokwezigaba zenu, njengokubhala kukaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, nanjengokubhala kukaSolomoni, indodana yakhe,
5 nime endaweni engcwele ngokwezigaba zezindlu zokhokho babafowenu, abantu besizwe, kube khona abaLevi kuleso naleso sigaba sendlu yokhokho.
6 Lihlabeni iphasika, nizingcwelise, nilungise abafowenu ukuba benze njengokwezwi likaSimakade njengoba kulobe uMose.”
7 UJosiya wanika abantu besizwe bonke ababekhona, imihlambi yamawundlu namazinyane ezimbuzi, konke kwaba yiminikelo yephasika, sekukonke kwakuyizi-30 000, nezinkunzi eziyizi-3 000 okwakuthathwe empahleni yenkosi.
8 Izikhulu zakhe zanika abantu, abaphristi nabaLevi iminikelo yesihle. UHilikiya, uZakhariya, noJiheyeli abaphathi bendlu kaNkulunkulu banika abaphristi amawundlu ayizi-2 600, nezinkabi ezingama-300, ukuba benze iminikelo yephasika.
9 UKhonaniya, uShemaya, uNethaneli nabafowabo, uHashabhiya, uJehiyeli, noJozabhadi abaholi babaLevi, banika abaLevi amawundlu ayizi-5 000 nezinkabi ezingama-500, kwaba ngokweminikelo yephasika.
10 Yalungiswa-ke inkonzo: abaphristi bema ezindaweni zabo, nabaLevi bema ngezigaba zabo njengesiyalezo senkosi.
11 Balihlaba iphasika abaphristi ngezandla zabo, bafafaza igazi, abaLevi balihlinza.
12 Babeka eceleni iminikelo yokushiswa ukuze yabelwe abantu besizwe ngokwamaqembu nangokwezindlu zokhokho ukuze bakunikele kuSimakade, njengalokhu kulotshwe encwadini kaMose. Benza kanjalo nasezinkabini.
13 Balosa iphasika emlilweni njengokomthetho, neminikelo engcwele bayibilisa emabhodweni, ezisefeni nasemapanini, bashesha bayinika bonke abantu besizwe.
14 Kamuva bazilungisela bona nabaphristi, ngokuba abaphristi abangamadodana ka-Aroni babelokhu benikela iminikelo namanoni kwaze kwaba sebusuku, yingakho-ke abaLevi bazilungisela bona nabaphristi abangamadodana ka-Aroni.
15 Abahlabeleli, amadodana ka-Asafa, babesendaweni yabo njengokomyalo kaDavide, u-Asafa, uHemani noJeduthuni, umboni wenkosi; abalindimasango babengasesangweni; sasingekho isidingo sokuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo, abaLevi, babebalungisele.
16 Ngakho-ke yonke inkonzo kaSimakade yalungiswa ngalolo lusuku ukuba kugcinwe iphasika, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa e-althare likaSimakade njengalokhu kwakuyaleze inkosi uJosiya.
17 Abakwa-Israyeli ababekhona lapha baligcina iphasika ngaleso sikhathi nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, izinsuku eziyisikhombisa.
18 Kwakungakaze kwenziwe iphasika elinjengalelo, kusukela emihleni kaSamuweli, umphrofethi, kwa-Israyeli. Wonke amakhosi akwa-Israyeli ayengakaze aligcine iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabaphristi, abaLevi, uJuda wonke, no-Israyeli wonke bendawonye, nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema.
19 Leli phasika lagcinwa ngonyaka we-18 wokubusa kukaJosiya.
20 Sekwedlule konke lokhu, uJosiya eselilungisile ithempeli, kwakhuphuka uNekho, inkosi yaseGibhithe, ukuba ayokulwa neKharikhemishi ngaseYufrathe; uJosiya waphuma ukuyomhlangabeza.
21 Kepha wathumela izithunywa kuJosiya, wathi: “Nginandabani nawe nkosi yakwaJuda na? Angize khona ukuba ngizokulwa nawe, kepha ngixabene nendlu engilwa nayo. UNkulunkulu ungitshele ukuba ngisheshe, mgweme uNkulunkulu onami ukuze angakubhubhisi.”
22 Kepha uJosiya akaphendukanga, kunalokho wazifihla ukuze alwe naye, akawalalelanga amazwi kaNekho ayevela emlonyeni kaNkulunkulu, wahamba wayokulwa esigodini saseMegido.
23 Abacibayo bayinemba inkosi, inkosi yathi ezincekwini zayo: “Ngikhipheni ngokuba ngilimele kakhulu.”
24 Izinceku zayo zayikhipha enqoleni, zayigibelisa enqoleni yayo yesibili, zayiyisa eJerusalema. Yakhothama, yangcwatshwa emadlinzeni okhokho bayo. UJuda wonke neJerusalema bamlilela uJosiya.
25 UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.
26 Ezinye izindaba zikaJosiya, izenzo zakhe ezilungileyo njengokulotshiweyo emthethweni kaSimakade,
27 izindaba zakhe, ezakuqala nezokugcina; bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda.