Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

2 Chronicles 27

:
Zulu - 2020
1 UJothamu wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha, indodakazi kaZadoki.
2 Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengalokho konke ayekwenzile uyise, u-Uziya, kodwa akazange angene ethempelini likaSimakade. Abantu baqhubeka ukwenza okungalungile.
3 Wakha isango elingenhla lendlu kaSimakade; wakha okuningi ogangeni e-Ofeli.
4 Wakha imizi kwelezintaba kwaJuda; wakha emahlathini izinqaba nemibhoshongo.
5 Walwa nenkosi yabantu bakwa-Amoni, wabehlula. Ngawo lowo nyaka abakwa-Amoni bamnika amathalenta esiliva ayikhulu, amakhora kakolo ayizi-10 000, nawebhali ayizi-10 000. Nangonyaka wesibili nangowesithathu abakwa-Amoni babuye bakuyisa kuye lokhu.
6 UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.
7 Ezinye izindaba zikaJothamu, nazo zonke izimpi zakhe, nezindlela zakhe, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nawakwaJuda.
8 Wayeneminyaka engama-25 lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema.
9 UJothamu walaliswa kokhokho bakhe, bammbela emzini kaDavide. U-Ahazi waba yinkosi esikhundleni sakhe.