Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

2 Chronicles 22

:
Zulu - 2020
1 Izakhamuzi zaseJerusalema zambeka u-Ahaziya, indodana kaJehoramu encane, waba yinkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo labaphangi elafika enkanjini nabase-Arabhiya, babebabulele bonke abafowabo abadala. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, waba yinkosi yakwaJuda.
2 U-Ahaziya wayeneminyaka engama-42 ngesikhathi eqala ukubusa, wabusa eJerusalema unyaka owodwa. Igama likanina kwakungu-Athaliya, indodakazi ka-Omri.
3 Naye wahamba ezindleleni zendlu ka-Ahabi elulekwa ngunina ukuba enze okubi.
4 Wenza okubi phambi kukaSimakade njengendlu ka-Ahabi, ngokuba yibona ababemeluleka emveni kokukhothama kukayise, okwaba yimbangela yokubhujiswa kwakhe.
5 Elulekwa yibo, wahamba noJehoramu, indodana ka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, ukuyokulwa noHazayeli, inkosi yase-Aramu eRamothi Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.
6 Waphindela eJizreyeli ukuyokwelashwa amanxeba awathola eRama ngesikhathi elwa noHazayeli, inkosi yase-Aramu. U-Azariya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla wayombona uJehoramu, indodana ka-Ahabi, eJizreyeli, ngoba wayegula.
7 Ukubhubha kuka-Ahaziya kwakuvela kuNkulunkulu, ngokuya kukaJoramu, eyombona. Ngesikhathi efika lapho waphuma noJehoramu ukuyobona uJehu, indodana kaNimishi, owayegcotshwe nguSimakade ukuba ashabalalise indlu ka-Ahabi.
8 Kwathi lapho uJehu ehlulela abendlu ka-Ahabi, wafumana izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya ababekhonza u-Ahaziya; nabo wababulala.
9 Wamfuna u-Ahaziya, wamthola ebanjiwe ngokuba wayecashe eSamariya, bamyisa kuJehu; bambulala, bamngcwaba ngokuba bathi: “Lo uyindodana kaJehoshafathi, owamfuna uSimakade ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamuntu ongagcina umbuso.
10 Kwathi ukuba u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, abone ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wabulala bonke abozalo lwasebukhosini bendlu yakwaJuda.
11 UJehoshabheyathi, indodakazi yenkosi, yathatha uJowashi, indodana ka-Ahaziya, yameba emadodaneni enkosi ayebulawa, yamfihla ekamelweni lokulala, yena nomzanyana wakhe. UJehoshabheyathi, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada, umphristi, wayengudadewabo ka-Ahaziya, wamfihla, akaze akwazi u-Athaliya ukumbulala.
12 Wahlala nabo ebhacile endlini kaNkulunkulu iminyaka eyisithupha; ngesikhathi u-Athaliya ebusa ezweni.