1 Timothy 52020

1Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, abesilisa abasebasha njengabafowenu,

2abesifazane asebekhulile ubayale njengonyoko, nalabo abasebasha njengodadewenu, ngenhlanzeko yonke.

3Hlonipha abafelokazi, abangabafelokazi ngempela.

4Kepha uma umfelokazi enabantwana noma abazukulu, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, benze okufaneleyo kubazali babo bekhombisa ukubonga, ngokuba lokho kwamukelekile phambi kukaNkulunkulu.

5Lowo ongumfelokazi ngempela, ongenabani, uthembele kuNkulunkulu, uhlala enxusa, ekhuleka ubusuku nemini.

6Kepha lowo ozinikela ekutamaseni, ufile esaphila.

7Bayale ngalezo zinto, ukuze bangabi nakusoleka.

8Kodwa uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulu abomndeni wakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi ukwedlula nongakholwa.

9Umfelokazi obegane indoda eyodwa makangafakwa esibalweni uma engakabi neminyaka engama-60.

10Kufanele ukuba aziwe ngemisebenzi emihle, njengalowo okhulise kahle abantwana, obe nokuphana ezihambini, ogeze izinyawo zabangcwele, osize abahluphekayo, futhi ozinikele ekwenzeni yonke imisebenzi emihle.

11Kepha abafelokazi abasebasha ungabafaki ohlwini, ngokuba uma sebeshiswa yinkanuko bayamdela uKhristu, bafune ukugana,

12ngakho-ke bathole icala, ngokuba besaphulile isithembiso sabo sokuqala.

13Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele.

14Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.

15Ngokuba vele kumanje, bakhona abanye asebechezukele kuSathane.

16Uma owesifazane okholwayo enezihlobo ezingabafelokazi ngempela, makazisize; ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo.

17Amalunga aphathe kahle, afanele ukuba atuswe ngokuphindwe kabili, ikakhulu lawo akhuthalela ukushumayela nokufundisa.

18Ngokuba umbhalo, uthi: “Ungayifaki isimfonyo inkabi ebhulayo,” futhi uthi: “Isisebenzi sifanelwe wumholo waso.”

19Ungalemukeli icala elethweswe ilunga kungekho ofakazi ababili noma abathathu.

20Labo abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.

21Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba ulondoloze lezi zinto, ungabandlululi, futhi ungenzi lutho ngokukhetha.

22Ungaxhamazeli ubeke izandla kunoma ngubani, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye, kodwa uhlale umsulwa.

23Ungaphuzi amanzi wodwa, kodwa phuza kancane newayini ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka obukuvamileyo.

24Izono zabanye abantu zisobala, ziyabandulela, zibaholele ekwehlulelweni, kodwa abanye ziyabalandela.

25Kanjalo nemisebenzi emihle isobala, noma ingabonakali kodwa ingefihleke.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 1 Timothy 5.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.