1 Timothy 12020

1UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu, ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu nokaKhristu uJesu ithemba lethu,

2kuThimothewu, umntanami isiminya okholweni: makube kuwe umusa, ububele nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu.

3Njengalokhu ngakunxusa ngesikhathi ngilibangise eMakhedoniya ukuba uhlale e-Efesu, ukuze uyale abathile ukuba bangafundisi okwahlukileyo,

4futhi bangazinaki izinganekwane nezindaba zolibo lwemindeni ezingapheliyo, ezidala impikiswano kunokuba ziqhakambise isimiso sikaNkulunkulu ngokukholwa.

5Kepha umgomo womyalo wuthando oluvela enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo.

6Abanye baphaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize,

7befuna ukuba ngabafundisi bomthetho, nakuba bengakuqondi abakushoyo nalokho abakugcizelela ngeqholo.

8Kepha thina siyazi ukuthi umthetho muhle, uma umuntu ewusebenzisa ngokufaneleyo,

9siyazi lokhu, ukuthi umthetho awubekelwanga olungileyo, kodwa abahlubukayo, abangamesabi uNkulunkulu, izoni ezihlazisayo, abadumazayo, ababulala oyise nonina, ababulala abantu,

10izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo;

11ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu odumisekayo, engaphathiswa lona mina.

12Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe,

13nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.

14Kepha umusa weNkosi yethu wachichima nokukholwa kanye nothando olukuKhristu uJesu.

15Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.

16Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade.

17Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

18Thimothewu mntanami, ngikunika lo myalo njengokweziphrofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe ukulwa okuhle,

19unokukholwa nonembeza omuhle, abanye abakulahlile, bafelwa ngumkhumbi wabo wokukholwa,

20kulabo kukhona uHimenewu no-Aleksandru, engibanikele kuSathane, ukuze bayalwe ukuba bangahlambalazi.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 1 Timothy 1.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.