1 Thessalonians 52020

1Bazalwane, mayelana nezikhathi nangemizuzu, aniswele ukulotshelwa ngakho,

2ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.

3Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.

4Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice ningazelele, njengesela,

5ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, nabantwana bemini; asisibo abobusuku noma abobumnyama.

6Ngakho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, sizithibe.

7Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku.

8Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa,

9ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Khristu,

10owasifelayo; ukuba noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.

11Ngakho-ke gqugquzelanani, nakhane njengalokhu nenza.

12Manje siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazise abazikhandlayo phakathi kwenu, benihola eNkosini, futhi beneluleka.

13Baziseni kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.

14Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke.

15Qaphelani ukuba kungabi bikho muntu ophindisela komunye okubi ngokubi, kodwa phokophelani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye, nakubo bonke abanye.

16Thokozani njalo,

17nikhuleke ningaphezi.

18Kukho konke, bongani, ngokuba lokho kuyintando kaNkulunkulu kuKhristu uJesu ngani.

19Ningamcimi uMoya,

20ningakudeleli ukuphrofetha.

21Vivinyani konke, nibambisise okuhle.

22Dedani kulo lonke uhlobo lobubi.

23Sengathi uNkulunkulu wokuthula, Yena uqobo, anganingcwelisa ngokupheleleyo, alondoloze umoya wenu wonke, nomphefumulo nomzimba, kungabi nasici ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Khristu.

24Uthembekile onibizayo, futhi oyakukwenza lokho.

25Bazalwane, sikhulekeleni.

26Khonzani kubo bonke abazalwane ngokwanga okungcwele.

27Ngiyaniyala eNkosini ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.

28Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 1 Thessalonians 5.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.