1 Thessalonians 32020

1Kwathi singasenakubekezela, sabona kukuhle ukuba sisale sodwa e-Athene.

2Sathumela uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu kanye nathi evangelini likaKhristu, ukuba aniqinise, anikhuthaze ekukholweni kwenu,

3ukuze kungabi bikho muntu ozanyazanyiswa yilezo zinhlupheko, ngokuba niyazi ukuthi siqokelwe lokho.

4Nalapho sisenani, sanitshela kungakenzeki ukuthi siyakuhlushwa, njengokuba kwenzeka, futhi niyazi.

5Ngakho-ke nami lapho sekungiphelele ukubekezela, ngathumela ukuba ngazi ngokukholwa kwenu, funa kambe umlingi wanilinga, bese ukukhandleka kwethu kuba yize.

6Kepha lapho uThimothewu esefikile kithi, evela kini, wasibikela izindaba zokukholwa ezihlabahlosile, nothando lwenu, nokuthi ukusikhumbula kwenu kuhle njalo, futhi niyalangazelela ukusibona, njengokuba nathi sifisa ukunibona.

7Ngakho-ke bazalwane, kulo lonke usizi nobunzima esasibhekene nakho, sagqugquzeleka ngani ngokukholwa kwenu.

8Nokho sesiyaphila manje, uma nimi niqinile eNkosini.

9Kodwa singambonga ngani uNkulunkulu ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na?

10Ubusuku nemini siyanxusa singaphezi ukuba sinibone ubuso nobuso, siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.

11Sengathi uNkulunkulu, uBaba wethu uqobo, neNkosi yethu uJesu bangayiqondisa indlela yethu eza kini;

12iNkosi ilwandise luchichime uthando lwenu, nithandane, futhi nibathande nabanye, njengokuba nathi sinithanda,

13ukuze izinhliziyo zenu zisimame, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu, ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabo bonke abangcwele bayo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 1 Thessalonians 3.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.