1 Chronicles 32020

1Nanka amagama amadodana kaDavide abamzalela wona eHebhroni: izibulo u-Amnoni ku-Ahinohama, umHizireyelikazi; owesibili nguDaniyeli, ku-Abhigayili, umKharmelikazi;

2owesithathu ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya, indodana kaHagithi;

3owesihlanu nguShefathiya ku-Abhithali; owesithupha ngu-Ithereyamu ku-Egila, umkakhe.

4Wazalelwa ayisithupha eHebhroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engama-33.

5Nanka-ke amadodana abamzalela wona eJerusalema: uShimeya, uShobhabhi, uNathani noSolomoni, ayemane, kuBhathi Shuwa, indodakazi ka-Amiyeli wazala:

6uJibhari, u-Elishama, u-Elifelethi,

7uNoga, uNefegi, uJafiya,

8u-Elishama, u-Eliyada no-Elifeleti, ayeyisishiyagalolunye.

9Wonke lawo kwakungamadodana kaDavide, ngaphandle kwalawo ayezalwa yizancinza. Udadewabo kwakunguThamari.

10Indodana kaSolomoni kwakunguRehobhowamu, yena wazala u-Abhiya. U-Abhiya wazala u-Asa; u-Asa wazala uJehoshafathi.

11UJehoshafathi wazala uJoramu; yena wazala u-Ahaziya; yena wazala uJowashi.

12UJowashi wazala u-Amaziya; yena wazala u-Azariya; yena wazala uJothamu.

13UJothamu wazala u-Ahazi; yena wazala uHezekiya; yena wazala uManase.

14UManase wazala u-Amoni; yena wazala uJosiya.

15UJosiya wazala amadodana amane: izibulo nguJohanani, eyesibili nguJehoyakimi, eyesithathu nguZedekiya, eyesine nguShalumi.

16Amadodana kaJehoyakimi: uJekhoniya, indodana yakhe, noZedekiya, indodana yakhe.

17Amadodana kaJekhoniya umthunjwa: kwakunguSheyalitiyeli,

18uMalikhiramu, uPhedaya, uShenazari, uJekamiya, uHoshama noNedabiya.

19Amadodana kaPhedaya: kwakunguZerubhabhele noShimeyi. Amadodana kaZerubhabhele: kwakunguMeshulamu noHananiya nodadewabo uShelomithi,

20uHashubha, u-Oheli, uBherekhiya, uHasadiya noJushabhi Hesedi, eyisihlanu esewonke.

21Amadodana kaHananiya: kwakunguPhelathiya, uJeshaya, amadodana kaRefaya, amadodana ka-Arinani, amadodana ka-Obhadiya, namadodana kaShekhaniya.

22Indodana kaShekhaniya: kwakunguShemaya; amadodana kaShemaya: kwakunguHathushi, u-Igali, uBhariya, uNehariya noShafathi, eyisithupha esewonke.

23Amadodana kaNehariya: kwakungu-Eliyohenayi, uHezekiya no-Azirikamu, emathathu esewonke.

24Amadodana ka-Eliyohenayi: kwakunguHodaviya, u-Eliyashibhi, uPhelaya, u-Akubhi, uJohanani, uDelaya no-Anani, eyisikhombisa esewonke.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 1 Chronicles 3.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.