1 Chronicles 202020

1Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ahlasele ngaso, uJowabe wahola amaqhawe empi, wabhubhisa izwe labakwa-Amoni. Wahamba wavimbezela iRabha, kodwa uDavide wayesele eJerusalema. UJowabe wahlasela iRabha, walinqoba.

2UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wathola ukuthi isisindo sawo sasiyithalenta legolide; wawunetshe eliyigugu; wabekwa ekhanda likaDavide. Wathatha emzini impango eningi kakhulu.

3UDavide wakhipha abantu ababekuyo yonke imizi yabakwa-Amoni, wabanquma ngamasaha, ngezibhuqo zensimbi, nangamazembe.

4Kwathi emveni kwaleso sehlakalo kwaqubuka impi phakathi kuka-Israyeli namaFilisti eGezeri. USibhekhayi, umHushathi, wabulala uSiphayi, enye yamadodana amaRefa; anqotshwa amaFilisti.

5Kwaphinda kwaqubuka enye impi namaFilisti. U-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi, umfowabo kaGoliyathi, umGithi; uthi lomkhonto ayewuphatha lwalungangogongolo lomaluki.

6Kwaphinda futhi kwaba nempi eGathi, lapho kwakukhona umuntu owayemude kakhulu; eneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, kanjalo nasezinyaweni enezinzwani eziyisithupha unyawo ngalunye, sekukonke kungama-24. Naye wayezalwa ngamaRefa.

7Wamedelela u-Israyeli; ngakho-ke uJonathani, indodana kaShimeya, umfowabo kaDavide, wambulala.

8Yibo laba ababeyizizukulwane zamaRefa eGathi, ababulawa nguDavide, nezinceku zakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 1 Chronicles 20.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.