1 Chronicles 142020

1Inkosi yaseThire, uHiramu, yathumela izithunywa kuDavide, imisedari, abakhi nababazi ukuba bayomakhela indlu.

2UDavide waqonda ukuthi uSimakade wayembekile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

3UDavide eseseJerusalema wabuye wathatha abanye abafazi, wazala amanye amadodana namadodakazi.

4Nanka amagama abantwana abazala eJerusalema: uShamuwa, uShobhabhi, uNathani, uSolomoni,

5uJibhari, u-Elishuwa, u-Eliphelethi,

6uNoga, uNefegi, uJafiya,

7u-Elishama, uBheyeliyada no-Elifeleti.

8Kwathi esezwile amaFilisti ukuthi uDavide ubekiwe ukuba abe yinkosi ka-Israyeli, akhuphuka ayomfuna; kuthe lapho uDavide ekuzwa lokho waphuma, wawahlasela.

9AmaFilisti esegasele esigodini samaRefa,

10uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyuke yini ukuyohlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela yini esandleni sami?” USimakade wathi kuye: “Khuphuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”

11Base bekhuphuka eBhali Pherazimu, uDavide wawabhubhisa. UDavide wathi: “UNkulunkulu uthelekele izitha zami ngesandla sami njengamanzi ebhodloza avinjwe ngakho.” Yingakho-ke leyo ndawo bayiqamba bathi iBhali Pherazimu.

12AmaFilisti abashiya lapho onkulunkulu bawo, uDavide wathi mababashise ngomlilo.

13AmaFilisti abuye asigasela isigodi.

14UDavide wabuye wabuza kuNkulunkulu, uNkulunkulu wathi kuye: “Ungenyuki uwalandele, kunalokho aqhamukele maqondana namajikijolo.

15Kuyothi lapho sewuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukubhubhisa amabutho amaFilisti.”

16UDavide wenza njengokuba uNkulunkulu ayemyalile, bawabhubhisa amabutho amaFilisti, kusukela eGibheyoni kuze kube seGezeri.

17Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 1 Chronicles 14.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.