1 Kings 15
1 Ngonyaka we-18 wokubusa kwenkosi uJerobhowamu, indodana kaNebhathi, u-Abhiyamu waba yinkosi kwaJuda.
2 Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu.
3 Wenza zonke izono ezazenziwe nguyise ngaphambi kwakhe. Inhliziyo yakhe yayingekho kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide, ukhokho wakhe.
4 Nokho ngenxa kaDavide, uSimakade uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuphakamisa indodana yakhe emva kwakhe, nangokuqinisa iJerusalema.
5 Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi.
6 Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
7 Ezinye izindaba zika-Abhiyamu nakho konke akwenzayo, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abhiyamu noJerobhowamu.
8 U-Abhiyamu walaliswa kokhokho bakhe; bammbela kwabakubo emzini kaDavide; u-Asa, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
9 Ngonyaka wama-20 uJerobhowamu eyinkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waba yinkosi yakwaJuda.
10 Wabusa iminyaka engama-41 eJerusalema; igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu.
11 U-Asa wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengoDavide, ukhokho wakhe.
12 Waxosha izifebe zesilisa zethempeli ezweni, wasusa zonke izithombe ababezenzile okhokho bakhe.
13 Wamehlisa uMahakha, unina, ekubeni yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasinquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.
14 Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuSimakade ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.
15 Wazingenisa endlini kaSimakade izinto ezingcwele zikayise nezakhe ezingcwele: isiliva, igolide, nezitsha.
16 Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo.
17 UBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wenyuka wayohlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu oya novela ku-Asa, inkosi yakwaJuda.
18 U-Asa wathatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaSimakade nengcebo yesigodlo senkosi, wakunika izinceku zakhe, wayesezithumela kuBheni Hadadi, indodana kaThabhirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, wathi:
19 “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Ngithumela kuwe isipho sesiliva nesegolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze ahlukane nami.”
20 UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe ukuba bayohlasela imizi yakwa-Israyeli. Wanqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Bhethi Mahakha, lonke iKhinerothi, nalo lonke izwe lakwaNafethali.
21 Kwathi lapho uBhahasha ezwa lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eThirisa.
22 Inkosi u-Asa yase yenza isimemezelo kuwo wonke uJuda; akekho owayenokuzilandulela;, bawasusa amatshe ayeseRama nezingodo ezazilapho uBhahasha ayakhe ngakho. Inkosi u-Asa yakha ngalokho iGebha kwaBhenjamini neMizpha.
23 Zonke ezinye izindaba zika-Asa, konke aphumelela kukho, konke akwenza, nemizi ayakhayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi esemdala wayenesifo sezinyawo.
24 U-Asa walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa nokhokho bakhe emzini kaDavide, ukhokho wakhe; uJehoshafathi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
25 UNadabi, indodana kaJerobhowamu, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngonyaka wesibili wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda; wabusa kwa-Israyeli iminyaka emibili.
26 Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.
27 UBhahasha, indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakhare, wamenzela ugobe; wamnqoba eGibhethoni lamaFilisti, ngokuba uNadabi nawo wonke u-Israyeli babelivimbezele iGibhethoni.
28 Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.
29 Kwathi lapho eseyinkosi, wabulala bonke abendlu kaJerobhowamu; kamshiyelanga noyedwa ophilayo, wayiqothula nya, njengokusho kwezwi likaSimakade alisho ngomlomo wenceku yakhe u-Ahiya waseShilo,
30 ngenxa yezono zikaJerobhowamu ayezenzile, onisa ngazo u-Israyeli, wachukuluza ngazo ulaka lukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.
31 Ezinye izindaba zikaNadabi, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
32 Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo.
33 Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha, indodana ka-Ahiya, waqala ukubusa u-Israyeli wonke eThirisa, wabusa iminyaka engama-24.
34 Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kaJerobhowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.