Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Corinthians 15

:
Zulu - 2020
1 Bazalwane, ngiyanazisa ukuthi ivangeli enganishumayeza lona nalamukela, futhi enimi kulo,
2 enisindiswa ngalo uma nibambelela ezwini enganishumayeza lona, ngaphandle kokuba ukukholwa kwenu kwaba yize.
3 Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo,
4 nokuthi wambelwa, wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,
5 nokuthi wabonwa nguKhefase, wayesebonwa ngabayishumi nambili.
6 Emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala.
7 Emveni kwalokho, wabonwa nguJakobe, wayesebonwa ngabaphostoli bonke;
8 ekugcineni kwabo bonke, wabonwa nayimi enginjengozalwe kungakabi yisikhathi.
9 Ngokuba mina ngingomncane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, lokhu ngalihlupha ibandla likaNkulunkulu.
10 Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.
11 Ngakho-ke noma yimina noma yibo, sishumayela kanjalo, nani nakholwa kanjalo.
12 Kepha-ke uma kushunyayelwa ukuthi uKhristu uvusiwe kwabafileyo, bakusho kanjani pho abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?
13 Uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, noKhristu akavuswanga.
14 Uma uKhristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.
15 Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba sifakaze ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKhristu, angamvusanga uma kanti abafileyo bengavuswa.
16 Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga noKhristu.
17 Kepha uma uKhristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu.
18 Yebo, nalabo asebalala bekuKhristu babhubhile.
19 Uma sithembela kuKhristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudatshukelwa kunabantu bonke.
20 Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo.
21 Ngokuba lokhu, ukufa kweza ngomuntu, nokuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.
22 Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa.
23 Kepha yilowo nalowo ngokwesigaba sakhe: uKhristu kuqala, bese kuba ngabakaKhristu ekubuyeni kwakhe,
24 andukuba kufike umhla wokuphela, lapho ebuyisela umbuso kuNkulunkulu uYise, esechithile bonke ababusi, bonke abasemagunyeni, nabanamandla.
25 Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe.
26 Isitha sokugcina esiyakubhujiswa ngukufa.
27 Ngokuba zonke izinto zithotshisiwe zaba phansi kwezinyawo zakhe. Nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe phansi kwakhe,” kusobala ukuthi yena ozithobisileyo zonke izinto, akahlangene nazo.
28 Kepha lapho zonke izinto sezithotshiselwe phansi kwakhe, nayo-ke iNdodana uqobo lwayo iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke, kukho konke.
29 Pho bayokwenzenjani labo ababhabhadiselwa abafileyo na? Uma impela abafileyo bengavuswa, babhabhadiselwani ngenxa yabo na?
30 Thina-ke sizibekelani engcupheni umzuzu nomzuzu na?
31 Bazalwane, ngiyaqinisa ukuthi mina ngifa imihla ngemihla ngenxa yokubongwa enginakho ngani kuKhristu uJesu iNkosi yethu.
32 Uma njengomuntu ngalwa nezilo e-Efesu, pho nginanzuzoni ngalokho na? Uma abafileyo bengavuswa, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.
33 Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
34 Phaphamani, niziphathe kahle, yekani ukona, ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni.
35 Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Bavuswa benomzimba onjani na?”
36 Silima ndini, lokho okuhlwanyelayo akutholi ukuphila uma kungafanga.
37 Lokho futhi okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona, kodwa uhlwanyela uhlamvu oluze, noma ngabe ngolukakolo, noma ngolokunye.
38 Kepha uNkulunkulu ulunika isimo salo ngokuthanda kwakhe, kube yileyo naleyo mbewu, owayo umzimba.
39 Inyama yonke ayifani: kodwa kukhona eyabantu, eyezilwane, eyezinyoni neyezinhlanzi.
40 Ikhona futhi nemizimba yasezulwini nemizimba yasemhlabeni, kodwa inkazimulo yemizimba yasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni iyodwa.
41 Iyodwa inkazimulo yelanga, iyodwa inkazimulo yenyanga, iyodwa nenkazimulo yezinkanyezi. Yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.
42 Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola;
43 kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla.
44 Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya.
45 Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.
46 Kepha akusikho okomoya kuqala, kodwa okwemvelo, bese kuba ngokomoya.
47 Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.
48 Njengokuba enjalo umuntu ongowenhlabathi, banjalo nabangabenhlabathi; njengokuba enjalo umuntu wasezulwini, banjalo nabangabasezulwini.
49 Njengalokhu futhi sinesimo songowenhlabathi, siyakuba futhi nesimo songawasezulwini.
50 Bazalwane, ngisho lokhu ukuthi inyama negazi akuyukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu, kanjalo nokubola akunakulidla ifa elingukungaboli.
51 Manje senginitshela imfihlakalo; asiyukulala sonke, kodwa sonke siyakuguqulwa,
52 ngomzuzwana nje, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina. Ngokuba kuyakukhala icilongo, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.
53 Ngokuba okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi.
54 Kepha lapho okubolayo sekwembethe ukungaboli, nokufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo, elithi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”
55 “Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?”
56 Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.
57 Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Khristu.
58 Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.