Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Corinthians 11

:
Zulu - 2020
1 Ngilingiseni njengokuba nami ngilingisa uKhristu.
2 Ngiyanibonga, ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, futhi nibambelele emfundisweni engayedlulisela kini.
3 Kepha ngithanda ukuba nazi ukuthi uKhristu uyinhloko yawo wonke amadoda, inhloko yowesifazane yindoda, nenhloko kaKhristu nguNkulunkulu.
4 Yileyo naleyo ndoda ekhuleka noma ephrofetha yemboze ikhanda layo, ihlazisa ikhanda layo.
5 Kepha yilowo nalowo owesifazane okhuleka noma aphrofethe lingemboziwe ikhanda, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba kuyafana lokho nokuthi uphucile.
6 Uma owesifazane engathwele ekhanda, kungcono agundwe. Uma kuyihlazo kowesifazane ukuba agundwe noma aphucwe, makamboze.
7 Ngokuba indoda ngokweqiniso ayifanele ukwemboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu, kodwa owesifazane uwudumo lwendoda.
8 Indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni.
9 Ngokuba indoda ayidalwanga ngenxa yowesifazane, kepha owesifazane wadalwa ngenxa yendoda.
10 Ngenxa yalokhu, owesifazane kufanele abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.
11 Nokho eNkosini, owesifazane akalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane,
12 ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda izalwa ngowesifazane, kodwa konke kuvela kuNkulunkulu.
13 Nqumani nina ngokwenu, ukuthi kufanele yini ukuba owesifazane akhuleke kuNkulunkulu engathwele ekhanda na?
14 Kanti imvelo luqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo lokho kuyo,
15 nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele ukuba zibe yisembozo kuye.
16 Kepha uma umuntu efuna ukuphika inkani, thina asinawo umkhuba onjalo, futhi namabandla kaNkulunkulu awanawo.
17 Kepha kulezi ziyalo ezilandelayo anginincomi, ngokuba uma nihlangana anihlanganeli okuhle, kepha okubi.
18 Ngokuba okokuqala, uma nihlangana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwehlukana phakathi kwenu; lokho nganxanye ngiyakukholwa.
19 Empeleni kufanele ukuba kube khona amaqembu phakathi kwenu, ukuze abaqotho bavele obala.
20 Ngakho-ke uma nihlangana ndawonye akusikho ukuba nidle isidlo seNkosi,
21 ngokuba lapho sekudliwa, yilowo nalowo uphuthuma okwakhe ukudla kuqala, adle, omunye alambe, kuthi omunye adakwe.
22 Kepha aninazindlu yini lapho ningadlela niphuzele khona na? Ngabe niyaledelela yini ibandla likaNkulunkulu; nenza abangenalutho babe namahloni na? Ngizakuthini kini? Nginincome na? Anginincomi ngalokho.
23 Ngokuba ngakwamukela eNkosini lokho engakwedlulisela kini, ukuthi: iNkosi uJesu, ngobusuku eyakhashelwa ngabo yathabatha isinkwa,
24 yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.”
25 Kanjalo, yathabatha nendebe emuva kokudla kwakusihlwa, yathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami; kwenzeni lokhu ngezikhathi zonke eniphuza ngazo, ukuba ningikhumbule.”
26 Ngokuba ngaso sonke isikhathi lapho nidla lesi sinkwa, niphuza le ndebe nimemezela ukufa kweNkosi ize ibuye.
27 Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa aphuze indebe yeNkosi engafanele, unecala kuwo umzimba negazi leNkosi.
28 Kepha umuntu makazihlole yena, bese edla lesi sinkwa, aphuze le ndebe.
29 Ngokuba odla aphuze, uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi.
30 Ngenxa yalokho, abaningi phakathi kwenu babuthakathaka, bayagula; nabaningi sebafa.
31 Kepha uma sizehlulela thina, ngeke sehlulelwe.
32 Kepha ngokwehlulelwa yiNkosi, siyayalwa ukuze singalahlwa kanye nezwe.
33 Ngakho-ke bazalwane bami, uma nibuthana ukuba nidle, anolindana.
34 Uma omunye elambile, makadle ekhaya ukuze ningabuthaneli ukulahlwa. Okunye-ke okuseleyo, sengiyokulungisa mhla ngifika lapho.