1 Chronicles 8
1 UBhenjamini wazibula ngoBhela, welanywa ngu-Ashibheli, owesithathu kwaba ngu-Ahara,
2 owesine kwaba nguNoha, owesihlanu kwaba nguRafa.
3 Amadodana kaBhela: kwakungu-Adari, uGera, u-Abhihudi,
4 u-Abhishuwa, uNahamani, u-Ahowa,
5 uGera, uShefufani noHuramu.
6 Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zezakhamuzi zaseGebha, ezathunjelwa eManahathi,
7 zayiswa ekuthunjweni: nguNahamani, u-Ahiya, uGera owayezala u-Uza no-Ahihudi.
8 UShaharayimi wazala abantwana kwaMowabi, esebahambisile omkakhe uHushimi noBhahara.
9 Wazala amadodana kuHodeshi, umkakhe; kwakunguJobhabhi, uSibiya, uMesha, uMalikhamu,
10 uJewuze, uShakhiya, noMirima. Laba kwakungamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.
11 Wazala kuHushimi u-Abhithubhi no-Eliphahali.
12 Amadodana ka-Eliphahali: kwakungu-Ebhere, uMishamu, noShemedi; yiwona akha i-Ono, neLodi, nemizana yakhona;
13 uBheriya, noShema babeyizinhloko zezindlu zawoyise, zezakhamuzi zase-Ajaloni, ezaxosha ababakhe eGathi.
14 U-Ahiyo, uShashakhi, uJeremothi,
15 uZebadiya, u-Aradi, u-Edere,
16 uMikhayeli, uJishipha, uJoha, kwakungamadodana kaBheriya.
17 UZebadiya, uMeshulamu, uHiziki, uHebhere,
18 u-Ishmerayi, uJiziliya, uJobhabhi, kwakungamadodana ka-Eliphahali.
19 UJakimi, uZikhiri, uZabhidi,
20 u-Eliyenayi, uZilethayi, u-Eliyeli,
21 u-Adaya, uBheraya, uShimrathi, kungamadodana kaShimeyi.
22 UJishiphani, u-Ebhere, u-Eliyeli,
23 u-Abhidoni, uZikhiri, uHanani,
24 uHananiya, u-Elamu, u-Anithothiya,
25 u-Ifideya, uPhenuweli, kwakungamadodana kaShashaki.
26 UShamusherayi, uShehariya, u-Athaliya,
27 uJahareshiya, u-Eliya, noZikhiri, kungamadodana kaJerohamu.
28 Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise, beyizinhloko ngokwezizukulwane zabo; babehlala eJerusalema.
29 EGibheyoni kwakuhlala uyise kaGibheyoni, igama lomkakhe kunguMahakha.
30 Izibulo lakhe kwakungu-Abhidoni elanywe uZuri, uKhishi, uBhali, uNadabhi,
31 uGedori, u-Ahiyo noZekheri.
32 UMakhilothi wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema.
33 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba no-Eshi Bhali.
34 Indodana kaJonathani kwakunguMeribhi Bhali. UMeribhi Bhali wazala uMikha.
35 Amadodana kaMikha: kwakunguPhithoni, uMelekhi, uThareya no-Ahazi.
36 U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala u-Alemethi, u-Azimavethi, uZimri; uZimri wazala uMosa;
37 uMosa wazala uBhineya, uRafa, u-Eleyasa, u-Azeli.
38 U-Azeli wayenamadodana ayisithupha, nanka amagama awo: kwakungu-Azirikamu, uBhokheru, u-Ishmayeli, uShehariya, u-Obhadiya noHanani. Bonke laba kwakungamadodana ka-Azeli.
39 Amadodana ka-Esheki umfowabo: izibulo kwakungu-Ulamu, owesibili kunguJewushe, owesithathu kungu-Elifelethi.
40 Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi, namadodana amadodana amaningi, eyi-150. Laba babengabozalo lukaBhenjamini.