Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Chronicles 6

:
Zulu - 2020
1 Amadodana kaLevi: uGereshoni, uKohathi, noMerari.
2 Amadodana kaKohathi: u-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli.
3 Amadodana ka-Amramu: u-Aroni, uMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari.
4 U-Eleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala u-Abhishuwa;
5 u-Abhishuwa wazala uBhuki; uBhuki wazala u-Uzi;
6 u-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayothi;
7 uMerayothi wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;
8 u-Ahithubi wazala uZadoki; uZadoki wazala u-Ahimahazi;
9 u-Ahimahazi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani;
10 uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumphristi endlini eyakhiwa nguSolomoni eJerusalema.
11 U-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi.
12 U-Ahithubi wazala uZadoki; uZadoki wazala uShalumi;
13 uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala u-Azariya;
14 u-Azariya wazala uSeraya; uSeraya wazala uJehozadaki,
15 kodwa uJehozadaki wahamba ngesikhathi uSimakade ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukhadinezari.
16 Amadodana kaLevi: kwakunguGereshomu, uKhohathi noMerari.
17 Nanka amagama amadodana kaGereshomu: nguLibhini noShimeyi.
18 Amadodana kaKhohathi: ngu-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli.
19 Amadodana kaMerari: nguMaheli noMushi. Nansi imindeni yabaLevi ngokokhokho babo:
20 kwaGereshomu: kwakunguLibhini, uJahathi, uZima,
21 uJowa, u-Ido, uZera noJewatherayi.
22 Amadodana kaKhohathi: kwakungu-Aminadaba, uKhora, u-Asiri,
23 u-Elikhana, u-Ebhiyasafa, u-Asiri,
24 uThathi, u-Uriyeli, u-Uziya, uShawule.
25 Amadodana ka-Elikhana: kwakungu-Amasayi no-Ahimothi,
26 u-Elikhana, uZofayi, uNahathi,
27 u-Eliyabe, uJerohamu no-Elikhana.
28 Amadodana kaSamuweli: izibulo kwakunguJoweli, eyesibili kungu-Abhiya.
29 Amadodana kaMerari: kwakunguMaheli, uLibhini, uShimeyi, u-Uza,
30 uShimeya, uHagiya no-Asaya.
31 Nampa abantu uDavide ababeka ukuba bahole ukuhlabelela endlini kaSimakade, ngesikhathi umphongolo usubekwe khona.
32 Babekhonza ngokuhlabelela phambi kwethabanakeli lethende lokuhlangana, waze uSolomoni wakha indlu kaSimakade eJerusalema. Babambelela njengokwenqubo yomsebenzi wabo.
33 Yilaba ababema namadodana abo: kumadodana amaKhohathi: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli, kaSamuweli,
34 ka-Elikhana, kaJerohamu, ka-Eliyeli, kaThowa,
35 kaZufi, ka-Elikhana, kaMahathi, ka-Amasayi,
36 ka-Elikhana, kaJoweli, ka-Azariya, kaZefaniya,
37 kaThathi, ka-Asiri, ka-Ebhiyasafa, kaKhora,
38 kaJizihari, kaKhohathi, kaLevi, ka-Israyeli.
39 Umfowabo u-Asafa wayemi ngakwesokunene sakhe; u-Asafa, kaBherekhiya, kaShimeya,
40 kaMikhayeli, kaBhahaseya, kaNalikhiya,
41 ka-Ethini, kaZera, ka-Adaya,
42 ka-Ethani, kaZima, kaShimeyi,
43 kaJahathi, kaGereshomu, kaLevi.
44 Amadodana kaMerari, abafowabo ababema ngakwesokunene: kungu-Ethani, kaKhishi, ka-Abhidi, kaMalukhi,
45 kaHashabhiya, ka-Amaziya, kaHilikhiya,
46 ka-Amizi, kaBhani, kaShemeri,
47 kaMaheli, kaMushi, kaMerari, kaLevi.
48 Abafowabo abaLevi banikwa inkonzo yonke yethabanakeli lendlu kaNkulunkulu.
49 U-Aroni namadodana akhe babeshiya iminikelo e-althare leminikelo yokushiswa nase-althare lempepho, benza wonke umsebenzi endaweni engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose, inceku kaNkulunkulu.
50 Nanka amadodana ka-Aroni: ngu-Eleyazare, uFinehasi, u-Abhishuwa,
51 uBhuki, u-Uzi, uZeraya,
52 uMerayothi, u-Amariya, u-Ahithubi,
53 uZadoki no-Ahimahazi.
54 Nazi izindawo zawo zokuhlala, izinkambu zawo emingceleni yawo: amadodana ka-Aroni awomndeni kaKhohathi, ngokuba yiwo adliwa wunkatho kuqala.
55 Wona anikwa iHebhroni, kwaJuda namadlelo alizungezileyo.
56 Kepha amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKhalebhu, indodana kaJefune.
57 Abozalo luka-Aroni balunika imizi yokuphephela: iHebhroni, neLibhina namadlelo ayo, iJathiri, ne-Eshithemowa namadlelo ayo,
58 iHileni namadlelo alo, iDebhiri namadlelo alo,
59 i-Ashani namadlelo alo, iBhethi Shemeshi namadlelo alo.
60 Esizwaneni sakwaBhenjamini bawanika iGebha namadlelo alo, i-Alemethi namadlelo alo, ne-Anathothi namadlelo alo. Isiyonke imizi yawo ngokwemindeni yawo yayiyimizi eli-13.
61 Abozalo lukaKhohathi ababesele banikwa ngonkatho imizi elishumi emndenini, engxenyeni yesizwana sakwaManase, emindenini yakhona ngokwemindeni yawo.
62 Abozalo lukaGereshomu, ngemindeni yabo, anikwa esizwaneni sakwa-Isakhare, nesakwa-Asheri, nesakwaNafethali, nasengxenyeni yesizwana sakwaManase, eBhashani, kwaba yimizi eli-13.
63 Abozalo lukaMerari banikwa ngonkatho ngokwemindeni yabo esizwaneni sakwaRubeni, nakwesakwaGadi, nakwesakwaZebuloni, kwaba yimizi eli-12.
64 Abakwa-Israyeli banika abaLevi leyo mizi namadlelo ayo.
65 Leyo mizi ebizwe ngamagama banikwa yona ngonkatho esizwaneni sakwaJuda, nakwesakwaSimeyoni, nakwesakwaBhenjamini.
66 Eminye imindeni yabozalo lukaKhohathi yayinemizi emingceleni yesizwana sakwa-Efrayimi.
67 Bayinika imizi yokuphephela: iShekhemi, ezintabeni kwa-Efrayimi, namadlelo alo, iGezeri namadlelo alo,
68 iJokhimeyamu namadlelo alo, iBhethi Horoni namadlelo alo,
69 i-Ajaloni namadlelo alo, iGathi Rimoni namadlelo alo,
70 nasengxenyeni yesizwana sakwaManase, i-Anere namadlelo alo, neBhileyamu namadlelo alo, kwaba ngokomndeni owawusele wozalo lukaKhohathi.
71 Abozalo lukaGereshomu banikwa emndenini wengxenye yesizwana sakwaManase iGolanu, iBhashani namadlelo alo, i-Ashitharothi namadlelo alo;
72 nasesizwaneni sakwa-Isakhare, iKedeshi namadlelo alo, iDabherathi namadlelo alo,
73 iRamothi namadlelo alo, i-Anemi namadlelo alo;
74 nasesizwaneni sakwa-Asheri: iMashali namadlelo alo, i-Abhidoni namadlelo alo,
75 iHukhokhi namadlelo alo, iRehobe namadlelo alo;
76 nasesizwaneni sakwaNafethali, iKedeshi, eGalile, namadlelo alo, iHamoni namadlelo alo, iKiriyathayimi namadlelo alo.
77 Kwathi abozalo lukaMerari abebesele banikwa esizwaneni sakwaZebuloni: iRimono namadlelo alo, iGabhori namadlelo alo,
78 phesheya kweJordani ngaseJeriko, empumalanga neJordani, esizwaneni sakwaRubeni, banikwa iBhezeri, ehlane, namadlelo alo, iJahaza namadlelo alo,
79 iKedemothi namadlelo alo, neMefahathi namadlelo alo;
80 nasesizwaneni sakwaGadi, banikwa iRamothi, kwaGileyadi, namadlelo alo, iMahanayimi namadlelo alo,
81 iHeshibhoni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo.