1 Chronicles 5
1 Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli. Wayeyizibulo, kodwa ngenxa yokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa, indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwangwa nasezizukulwaneni njengezibulo.
2 Noma uJuda wayenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.
3 Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: kwakunguHanokhi, uPhalu, uHezironi noKharmi.
4 Amadodana kaJoweli: kwakunguShemaya, uGogi, uShimeyi,
5 uMikha, uRewaya, uBhali,
6 noBhera, owathunjwa nguThiligathi Phileneseri, inkosi yase-Asiriya; wayengumholi wakwaRubeni.
7 Abafowabo nabo babebhalwe ngemindeni yabo, nangezizukulwane zabo: uJehiyeli, inhloko noZakhariya,
8 uBhela ka-Azazi kaShema kaJoweli, owayehlala e-Aroweri kwaze kwaba seNebho, noBhali Mehoni.
9 Wakha ngasempumalanga kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni iYufrathe, ngokuba imfuyo yabo yanda kwaGileyadi.
10 Emihleni kaSawule bahlasela amaHagiri, bawanqoba, base behlala emathendeni awo ngasempumalanga yalo lonke elakwaGileyadi.
11 Amadodana kaGadi ahlala maqondana nabo eBhashani, kwaze kwaba seSaleka.
12 Izinhloko kwakunguJoweli, owesibili kunguShafamu, kulandele uJahanayi noShafani.
13 Abafowabo babemi kanje ngokwezindlu zoyise: kwakunguMikhayeli, uMeshulamu, uShebha, uJorayi, uJakhani, uZiya no-Ebhere, beyisikhombisa sebebonke.
14 Laba babengamadodana ka-Abhihayili kaHuri kaJarowa kaGileyadi kaMikhayeli kaJeshishayi kaJahido kaBhuzi.
15 U-Ahi ka-Abhidiyeli kaGuni wayeyinhloko yezindlu zokhokho babo.
16 Bahlala kwaGileyadi eBhashani nasemizaneni yalo, nasemadlelweni wonke eSharoni, kwaze kwaba semingceleni yawo.
17 Bonke laba babhalwa ngezizukulwane zabo emihleni kaJothamu, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobhowamu, inkosi yakwa-Israyeli.
18 Amadodana kaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, kwakungamadoda anamandla, aphatha ihawu nenkemba, ansale umnsalo futhi eqeqeshelwe ukulwa, ayeyizi-44 760 aya empini,
19 ahlasela amaHagiri, noJethuri, noNafishi noNodabhi.
20 Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.
21 Adla izinkomo zabo, amakamela ayizi-50 000, izimvu eziyizi-250 000, izimbongolo eziyizi-2 000, nabantu abayizi-100 000.
22 Kwawa abaningi bebulewe, ngoba impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala endaweni yabo aze athunjwa.
23 Abantu ababeyingxenye yesizwana sakwaManase bahlala kulelo lizwe, kusukela eBhashani kuze kube seBhali Hermoni, eSeniri, nasentabeni iHermoni.
24 Nazi izinhloko zezindlu zokhokho babo: ngu-Eferi, u-Ishi, u-Eliyeli, u-Aziriyeli, uJeremiya, uHodaviya noJahidiyeli; babengamaqhawe anamandla, amadoda anegama futhi eyizinhloko zezindlu zokhokho babo.
25 Kepha baphambuka kuNkulunkulu wokhokho babo, balandela onkulunkulu babantu balelo lizwe, baphinga, uNkulunkulu ababhubhisa phambi kwabo.
26 UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli, inkosi yase-Asiriya, nomoya kaThiligathi Philineseri, inkosi yase-Asiriya, babathumba abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, babayisa eHala, eHabhori, eHara, nasemfuleni iGozani, kuze kube namuhla.