Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Chronicles 4

:
Zulu - 2020
1 Amadodana kaJuda: kwakunguPherezi, uHezironi, uKharmi, uHure, noShobhali.
2 URewaya, indodana kaShobhali, wazala uJahathi; uJahathi wazala u-Ahumayi noLahadi. Laba babengabemindeni yamaZorathi.
3 Nampa abazalwa ngu-Ethami: nguJizreyeli, u-Ishima, u-Idibhashi, udadewabo kunguHaseleliphoni,
4 uPhenuweli, wayenguyise kaGedori, u-Ezeri kunguyise kaHusha. Yilabo-ke ababengabakaHure, izibulo lika-Efratha, uyise kaBhethlehema.
5 U-Ashuri, uyise kaThekhowa, wayenabafazi ababili, uHela noNahara.
6 UNahara wamzalela u-Ahuzamu, uHeferi, uThemeni noHawahashithari. Yilabo ababengamadodana kaNahara.
7 Amadodana kaHela: kwakunguZerethi, uJizihari no-Ethinani.
8 UKozi wazala u-Anubhi, uZobeba, nemindeni ka-Ahariheli, indodana kaHarumu.
9 UJabhezi wayetuseka kunabafowabo. Unina wamqamba igama wathi: “NguJabhezi,” ngoba wathi: “Ngokuba ngamzala ngobuhlungu.”
10 UJabhezi wakhuleka kuNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umngcele wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa wubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.
11 UKhelubhi, umfowabo kaShubha, wazala uMehiri owayenguyise ka-Eshithoni.
12 U-Eshithoni wazala uBhebhi Rafa, uPhaseya, noThehina, uyise ka-Iri Nahashi. Yilabo-ke ababengamadodana kaRekha.
13 Amadodana kaKenazi: kwakungu-Otheniyeli noSeraya; indodana ka-Otheniyeli: kunguHathathi.
14 UMehonothayi wazala u-Ofira. UZeraya wazala uJowabe, uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babengabakhandi.
15 Amadodana kaKhalebhu, indodana kaJefune: kwakungu-Iru, u-Ela, noNahamu, namadodana ka-Ela, noKenazi.
16 Amadodana kaJehaleli: kwakunguZifi, uZifa, uThiriya no-Asareli.
17 Amadodana ka-Ezra: kwakunguJetheri, uMeredi, u-Eferi, noJaloni; wazala uMiriyamu, uShamayi no-Ishibha, uyise ka-Eshithemowa.
18 Umkakhe owayengumJudakazi wazala uJeredi, uyise kaGedori, uHebhere, uyise kaSokho, noJekuthiyeli, uyise kaZanowa. Abanye babengamadodana kaBhithiya, indodakazi kaFaro, eyathathwa nguMeredi.
19 Amadodana omkaHodiya, udadewabo kaNahamu, ayenguyise kaKeyila, umGarimi, no-Eshithemowa, umMahakha.
20 Amadodana kaShimoni: kwakungu-Amnoni, uRina, uBheni Hanani noThiloni. Amadodana ka-Ishi: kwakunguZohethi noBheni Zohethi.
21 Amadodana kaShela, indodana kaJuda: kwakungu-Eri, uyise kaLekha, uLahada, uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo, bendlu ka-Ashibheya,
22 uJokimi, nabantu baseKhozebha, uJowashi, uSarafi, ababebusa kwaMowabi, noJashubhi Lehemi. Kepha lezi zindaba ngezasemandulo.
23 Labo babengababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi, benza umsebenzi wayo.
24 Amadodana kaSimeyoni: kwakunguNemuweli, uJamini, uJaribi, uZera noShawule,
25 uShalumi indodana yakhe, uMibhisamu indodana yakhe noMishima, indodana yakhe.
26 Amadodana kaMishima: kwakunguHamuweli, uZakhuri noShimeyi.
27 UShimeyi wayenamadodana ali-16, namadodakazi ayisithupha, kodwa abafowabo babengenabantwana abaningi, nomndeni wabo awandanga njengabakwaJuda.
28 Bahlala eBheri Sheba, eMolada, eHazari Shuwali,
29 eBhiliha, e-Ezemi, eTholadi,
30 eBhethuweli, eHorma, eZikilagi,
31 eBhethi Marikhabhothi, eHazari Susimi, eBhethi Bhiri, naseShaharayimi. Yileyo-ke okwakuyimizi yabo, kwaze kwabusa uDavide.
32 Imizana yabo: i-Ethamu, i-Ayini, iRimoni, iThokheni ne-Ashani, kuyimizi eyisihlanu,
33 nayo yonke imizana eyayiyizungezile, kwaze kwaba seBhali. Lezo kwakuyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.
34 UMeshobhabhi, uJamilekhi, uJosha, indodana ka-Amasiya,
35 uJoweli, uJehu kaJoshibhiya kaSeraya ka-Asiyeli,
36 u-Eliyohenayi, uJahakhoba, uJeshohaya, u-Asaya, u-Adiyeli, uJesimiyeli, uBhenaya,
37 noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.
38 Bonke laba ababizwe ngamagama ngenhla babengabaholi emindenini yabo. Izindlu zokhokho babo zanda kakhulu.
39 Baya ngasekungeneni eGedori, ngasohlangothini lwasempumalanga lwesigodi, bayofunela izimvu zabo idlelo.
40 Bathola idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala ngabakwaHamu.
41 Labo bafika ngezinsuku zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, babhubhisa amathende abo nawamaMehuni atholakala lapho, babaqothula kuze kube namuhla, base behlala endaweni yabo, ngokuba bathola idlelo lemfuyo yabo lapho.
42 Abanye babo ababengabozalo lukaSimeyoni babengama-500, baya entabeni iSeyiri beholwa nguPhelathiya, uNehariya, uRefaya no-Uziyeli, indodana ka-Ishi.
43 Bayibhubhisa insali yama-Amaleki eyayiphunyukile, basahlala lapho kuze kube namuhhla.