1 Chronicles 3
1 Nanka amagama amadodana kaDavide abamzalela wona eHebhroni: izibulo u-Amnoni ku-Ahinohama, umHizireyelikazi; owesibili nguDaniyeli, ku-Abhigayili, umKharmelikazi;
2 owesithathu ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya, indodana kaHagithi;
3 owesihlanu nguShefathiya ku-Abhithali; owesithupha ngu-Ithereyamu ku-Egila, umkakhe.
4 Wazalelwa ayisithupha eHebhroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engama-33.
5 Nanka-ke amadodana abamzalela wona eJerusalema: uShimeya, uShobhabhi, uNathani noSolomoni, ayemane, kuBhathi Shuwa, indodakazi ka-Amiyeli wazala:
6 uJibhari, u-Elishama, u-Elifelethi,
7 uNoga, uNefegi, uJafiya,
8 u-Elishama, u-Eliyada no-Elifeleti, ayeyisishiyagalolunye.
9 Wonke lawo kwakungamadodana kaDavide, ngaphandle kwalawo ayezalwa yizancinza. Udadewabo kwakunguThamari.
10 Indodana kaSolomoni kwakunguRehobhowamu, yena wazala u-Abhiya. U-Abhiya wazala u-Asa; u-Asa wazala uJehoshafathi.
11 UJehoshafathi wazala uJoramu; yena wazala u-Ahaziya; yena wazala uJowashi.
12 UJowashi wazala u-Amaziya; yena wazala u-Azariya; yena wazala uJothamu.
13 UJothamu wazala u-Ahazi; yena wazala uHezekiya; yena wazala uManase.
14 UManase wazala u-Amoni; yena wazala uJosiya.
15 UJosiya wazala amadodana amane: izibulo nguJohanani, eyesibili nguJehoyakimi, eyesithathu nguZedekiya, eyesine nguShalumi.
16 Amadodana kaJehoyakimi: uJekhoniya, indodana yakhe, noZedekiya, indodana yakhe.
17 Amadodana kaJekhoniya umthunjwa: kwakunguSheyalitiyeli,
18 uMalikhiramu, uPhedaya, uShenazari, uJekamiya, uHoshama noNedabiya.
19 Amadodana kaPhedaya: kwakunguZerubhabhele noShimeyi. Amadodana kaZerubhabhele: kwakunguMeshulamu noHananiya nodadewabo uShelomithi,
20 uHashubha, u-Oheli, uBherekhiya, uHasadiya noJushabhi Hesedi, eyisihlanu esewonke.
21 Amadodana kaHananiya: kwakunguPhelathiya, uJeshaya, amadodana kaRefaya, amadodana ka-Arinani, amadodana ka-Obhadiya, namadodana kaShekhaniya.
22 Indodana kaShekhaniya: kwakunguShemaya; amadodana kaShemaya: kwakunguHathushi, u-Igali, uBhariya, uNehariya noShafathi, eyisithupha esewonke.
23 Amadodana kaNehariya: kwakungu-Eliyohenayi, uHezekiya no-Azirikamu, emathathu esewonke.
24 Amadodana ka-Eliyohenayi: kwakunguHodaviya, u-Eliyashibhi, uPhelaya, u-Akubhi, uJohanani, uDelaya no-Anani, eyisikhombisa esewonke.